NGABANIKELE ngokudla nezingubo zokulala.Isithombe.LANGELIHLE CHAGWE
KUBENENJABULO emndenini wakwaMabizela e-Uitkuik ngenkathi i-Trinity Ministers Fraternal ihambisana noMasipala waseDannhauser kanye nezinye izinhlaka benikela ngezingubo zokulala kanye negilosa emndeni ongathathi entweni e-Uitkuik , ngaphansi kukaMasipala waseDannhauser, ngeviki elendlule.
Kuvelile ukuthi lo mndeni uphethwe zingane ezoshonelwa abazali okumanje zihlala zodwa.
Ngenkathi uvakashelwe ilezinhlaka lo mndeni kuphinde kwavela ukuthi abantwana bakhona abanabo omazisi futhi nabantwana babo abanazo izitifiketi zokuzalwa okubangela ukuthi lezi zingane zingakwazi ukuthola isibonelello sabantwana (Child Support Grant).
Ilunga lalo mndeni uNksz Thando Mabizela oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31) uthe , sashonelwa ngabazali sisebancane futhu asinabo omazisi futhi nabanwana bethu abanazo izitifiketi zokuzalwa.
Uqhube wathi sihlala sibayisithupha ekhaya , kukhona usisi wami omndala uLwazi Mabizela oneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, uNonkululeko oneminyaka eyishumi nantathu ofunda uGrade 8, kube nguPrinces oneminyaka elishumi, kube uSnazo oneminyaka emihlanu bese kugcina u-Asemahle oneminyaka emithathu.
Uthe owokuqala ufunda uGrade 8, kube ofunda uGrade 5 kugcine ofunda uGrade-R kanti bonke abanazo izitifiketi zokuzalwa kanye nathi asinabo omazisi futhi sidinga usizo ukuze sithole omazisi bethu.
Uphethe ngokubonga kakhulu kwabasize ngezingubo zokulala , wabe esethi nathi sizothola ukufudumala njengoba kuyisikhathi sobusika.
“Siyabonga kakhulu ngoxhaso lwenu lwezingubo kanye negilosa , sengathi kunganda lapho nithathe khona,” esho, eqhuba ethi Inkosi inibusise lokhu enikwenze lapha ekhaya ningakwenza nakwabanye.
Okhulumela i-Trinity Ministers Fraternity uDokotela Dumsane Ndlovu uthe imali esithenge ngayo okuya ngasethunjini sikukweleke ngenkathi senza umnikelo ngenkathi bekunokhukhulela ngoqo womkhuleka kukhulekelwa isimo sokuguquguquka kwesimo sezulu ebibanjelwe esontweni eGospel Revival Outreach, eVanjaza, ngakwaMdakane ,e-Dannhauser.
Uthe sezwa ukuthi kukhona izingane ezihlala zodwa futhi ezinganabo omazisi kanye nezitifiketi zokuzalwa sabe sesicabanga ukuthi kumele selule isandla sibaphe okuya ngasethunjini kanye nezingubo zokulala.