NGUNGQONGQOSHE wezaBasebenzi kuZwelonke uMnu Thulas Nxesi. Izithombe.Langelihle Chagwe
IZINKUMBULU zentsha zase-South Africa , zibhekene nesimo zokuswela amathuba omsebenzi! Lokhu kuvezwe iloNgqongqoshe osebalulwe ngenhla ngenkathi ethula inkuluma yakhe eGarden Court Hotel, e-Black Rock Casino, mhlaka 27 October 2023. Uthe angeke sibavimbe abantu bangaphandle noma bamazwe abangomakhelwane bethu ukuba beze bazosebenza e-South Africa, kodwa kumele siqinisekise ukuthi baphethe amaphepha abagunyaza ukuba babe kuleli ngokusemthathweni. Uqhube wathi okunye okubalulekile uma bezosebenza kumele siqinisekise ukuthi abenzi umsebenzi ongenziwa ngabantu bakhona kuleli. “ Abantu bakithi ikakhulukazi intsha idinga izidingo nqangi, kungabhekelekile ukuthi baqhamuka emindenini enjani,” esho, eqhuba ethi, kumele siqikelele ukuthi siqhakambisa ezokuvakasha kuleli , ukuze abavakashi bezokwazi ukutshala izimali ezizodala amathuba emisebenzi entsheni. “Asiyeni ezindaweni zokudla nezokulala (BnB’s) zabantu abamnyama ukuze bathuthuke nabo kwezomntotho kodwa kumele baqikelele ukuthi izindawo zabo zihlanzekile kanti futhi zizokhona ukuheha abantu. Uthe izinyunyana kumele ziqikelele ukuthi zilwela abantu ngokuphelele , kungabhekwa ukuthi umuntu ngabe uhambisana naliphi iqembu. Asiwufuni umsindo lapho kusetshenzwa khona. Uphinde wagxeka kakhulu amafemu asahlukumeza abasebenzi ngokungabaholeli imali egunyazwe umnyango wezabasebenzi. “ Ngibuhlungu kakhulu ngoba ziyazihambela izimboni noma amafemu ukuze siqinisekise ukuthi abaqashi bayayilandela imithethomigomo yezabasebenzi, kodwa kukhona izipekitha ezikhona eminyangweni eziyizimpimpi ezitshela abaqashi ukuthi siyeza ukuzokhuculula, sithi siqambe sifika abaqashi emafemini sebekususe konke ukuncola. Uthe siyazi ukuthi iningi lala mafemu liqasha abantu bangaphandle abangenawo amaphepha kodwa sithi siqambe sifika basuke sebebecashisile, lento abayiyeke laba abayenzayo. Sifisa ukuthi abantu bakithi ikakhulukazi intsha ilandele imikhakha yezimfashini ukuze nayo igcine inamafemu athi yona (Fashion Design Careers). UMeya woMkhandlu wesiFunda Amajuba uthe kunombhala owenziwa nguNgqongqoshe weziMfundo ephakeme uMnu Blade Nzimande ekubeka kucace ukutghi ufisa abantu abangu 100 ukuba bafunde ngamakhono angajwayelekile futhi ayincosana. Uthe bakhuluma kakhulu ngezimboni zendwandu okuyizona eziqashe intsha eningi, waphinde wakuveza ukuthi indaba yemintaka yokuthi kuqashwa kusukela ebantwini abeneminyaka esukela kwenu-18 kuya kwengu 35 into abangayingeni bona, ngoba iningi labantu abangasebenzi intsha. Uqhube wathi bafisa ukuxhasa kakhulu abantu besifazane abangasebenzi. “Impi yokuntuleka kwamathuba emisebenzi ngeke siyinqobe sisodwa,siding ukubambisana nosomabhizinisi. Yingakho kubalulekile ukuthi sihlale njalo siba nezinhlelo la sihlangana khona sabelana ngamaqhinga , injobo enhle ithungelwa ebandla. IsiFunda Amajuba siyindawo yamathuba ikakhulukazi emkhakheni wezolimo, esezimayini kanye nezomkhiqizo wendwangu. “ Kudinga ukuthi singabaholi siqhamuke namaqhinga abambekayo azokwenza ukuthi le mikhakha iselekelele ukwakha amathuba emisebenzi nokuthuthukiswa komkhakha wamabhizinisi. Omunye umkhakha ongaveza amathuba omsebenzi amaningi kulesiFunda wumkhukhu wezokuvakasha, lo mkhakha uma singawunakelela kahle ungasivusela amaningi amathuba omsebenzi uphinde ulekelele ukuthuthukisa umnotho. Obambe njengemenenja esikhundleni esiphezulu uMnu Thembinkosi Mngoma uthe intsha kumele ivule izinkampani zayo ingabheki ukuqashwa kodwa kube yiyo eqasha abantu,. Uthe ukusheshiswa kokuvula izinkampani yintsha kuzosiza kakhulu, ekuthukisweni komnotho wakuleli. Oyinhloko yemnyango CCMA uthe banamacala amaningi asebewaphothulile abalelwakwangu-143, la e-Newcastle kuphela, kanti nathi sifisa ukuheha amakhomishana amaningi ukuze sizokwazi ukusheshe siphothule amacala athinta ukuhlukunyezwa kwabasebenzi ngabaqashi. Uthe kumanje kukhona amacala abalelwa kwangu-12 000 asebewandlulise kwenye indawo , ukuze asetshenzwe. Uqhube wathi bona bakhona ngenhloso yokuvikela ukulahleka kwemisebenzi.