SEKUSELE izinsuku eziwu-29, ukuba kubhalwe izivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka,uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka , ufisele amathishela , abafundi kanye nezisebenzi zomnyango amaholidi anezilokotho ezinhle, aqale ngoLwesihlanu esisuka kulo. Uthe ubafisela ukuba baphephe ngalamaholidi ango-September. Uphinde wanxusa kakhulu abafundi bakamatikuletsheni ukuba baqinisekise ukuthi sebenazo izinhlelo zokutadisha ngoba kusele izinsuku eziwu-29 , ukuba babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Uthe njengoba sekusele isikhathi esingaphansi kwezinsuku eziwu-30 kubalulekile ukuthi bafunde ngokukhulu ukuzimisela bafake umfutho wokugcina ukuza baphuimelele ezivivinyweni zabo zokuphela konyaka. Uphethe ngokuthi uma kukhona izihlokwana abangazitholi kahle ukuthi zichazani kumele baxhumane namathishela ukuze abachazele kahle ngaphambi kokuba babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka