ESINYE sezibhamu esishaqwe kulaba abasale enkundleni.Isithombe.SITHUNYELWE
KUSALE enkundleni abasolwa ababili abebefunwa ukhasha ngamaphoyisa ngamacala okubamba izimoto zemali inkuzi kuhlonyiwe ezindaweni eziyisithupha, ngenkathi bedubulana namaphoyisa e-Washbank, ngaseLadysmith ngoLwesine ebusuku.
Kubikwa ukuthi laba basolwa babamba inkuzi imoto yemali KwaDukuza, Verulam, Nyoni, Greytown, Phoenix kanye nase Langslaagter mhlaka 22 Mashi 2025.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni , kudutshulwe abasolwa ababili basala enkundleni ngenkathi bedubulana namaphoyisa e-Washbank.
Uthe esitatimendeni, amaphoyisa abelandela ezobunhloli ngenkathi egasela endlini lapho bekucashe khona abasolwa.
“Ngenkathi amaphoyisa egasela kulendawo ezithula ukuthi angamaphoyisa abasolwa bavela badubula bebhekise ngasemaphoyiseni nawo aphendula ngenganono kwasala ababili enkundleni,” kusho uNetshiunda esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni, laba ababili basale enkundleni ngenkathi kudutshulwana.
“Omunye wabasolwa osale enkundleni oneminyaka engamashumi amane nantathu (43), ubekhishelwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe ngokuba neziqhumane (explosives) kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni,” esho esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, kutholakale izibhamu ezimbili endaweni yesigameko kanti alikho iphoyisa elidubulekile ngenkathi kudutshulwana.