UNGQONGQOSHWE weZemfundo esiFundazweni, uNksz Mbali Frazer, uvakashele isikhungo sezemfundo kanye nabafundi abebebhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka ngaphakathi endaweni yokuhlumeleliswa kwezimilo eWestville, kusasa mhlaka 1 December 2023. Ungqongqoshe uNksz Frazer uzohlangana nalabo ebebebhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka kulesikhungo esaziwa kakhulu ngokuphasa ngamalengiso. Uthe inhloso yokuyobavakashela ukuyobabonga ukuthi izifundo noma izivivinyo zihambe kahle ngaphandle kwezihibe. “Thina njengomnyango siyakholwa ukuthi imfundo ibamba iqhaza elikhulu ukuthi umuntu asuke ebugebengwini obabumulethe kulendawo esibalulwe ngenhla kodwa imuse noma imivulele ikusasa eliqhakazile, futhi iphinde imvimbele ukuthi aphinde abuyele kulendawo.
Kusale dengwane abangu-200 kusha imijondolo eDakota, eSiphingo
ISALE injena imijondolo eDakota.Izithombe. ZITHUNYELWE KUSALE dengwane izakhamizi ezingu-200 kusha imijondolo e-Dakota, eSiphingo, eThekwini, kuWadi-90. I-KwaZulu-Natal Provincial Disaster Management Centre...