NGABADLALI bayoziqeqesha eSpain, neqembu leVillareal CF, Nompumelelo Nyandeni, Katlego Moletsane, Boitumelo Rahale kanye no Nthabiseng Majiya.
INKAMPANI yezokugembula i-Hollywoodbets kanye neLALIGA yase Europe, ephethe ezemidlalo bithi bayazigqenya kakhulu ngokuthi bamemezele ukuthi abesifazane abane abavelele baseSouth Africa, bayoziqeqeshe eceleni kweqembu lakhona lena i-Villareal CF. Kuvelile ukuthi labadlali besifazane abavelele bebedlala ngaphansi kwe South Africa’s Hollywoodbets Super League ngesizini ka-2022, kanti kulindeleke ukuba bandizele kwelase-Spain mhlaka 27 January 2024. Kuphinde kwavela ukuthi leli thuba elifana naleli liwundabuzekwayo ukuthi abesifazane bathole ukuyoziqeqesha eceleni kweqembu elikhulu lakule lizwe esibalulwe ngenhla. “ Leli thuba aliveleli noma ngubani, ngoba laba baqokwe ngoba bebesohlwini lwabasefazane abenza kahle (top four female footballers),” kusho uKuhle Mkhize, weHollywoodbets PR and Communications Manager. Uqhube wathi ithuba elinjena liyimvela kancane, kanti likhombisa ngokusobala ukuthi i-Hollywoodbets kanye neLALIGA, bayaligqugquzela ibhola likanobhutshuzwayo kanti leli labesifazane, kanti lokhu kuphinde kuveze ukukhula kwebhola labesifazane emhlabeni nasezweni, ngokukhombisa amakhona ebholeni okwenze baphinde baqokelwe ukuyoziqeqesha eceleni kweqembu elikhulu lase Spain eselibalulwe ngenhla. Uthe i-LALIGA ibambisane kakhulu neSouth Africa, kanti lokhu okwenzekalao kubajabulisa kakhulu. “ Lokhu kusho ukusebenzisana okuhle phakathi kwezwe lethu , kanye nokusebenzisana kahle kweVillareal kanye neLALIGA,” esho. Uqhube wathi umgadli weSundowns uBoitumelo Rahale, wazakhela udumo ngenkathi ehamba phambili ngokushaya amagoli angu-23, ngonyaka u-2022, okuyilokho okwenze ukuthi aqokwe naye, kanti futhi waba ngumdlali wesizini kuwo lonyaka osubalulwe ngenhla, kwathi uNthabiseng Majiya, we-Richmond United FC, waqokwa njengomdlali omncane kunabo bonke, kanti futhi wakhombisa ikhono elikhulu. “ UNompumelelo Nyandeni we-TS Galaxy, yena usegqoke ijezi ka 149, emigqudelwaneni wamazwe omhlaba, waphinda wakhombisa ukuba ngumholi, ngoba waphinde waba ngohamba kakhulu ekushayeni amagoli,” kusho yena. Uthi uKatlego Moletsane we-Royal AM FC, yena waqokwa njengonozinti wesizini, kanti futhi unekhono elimangalisayo. Uqhube wathi labadlali bazobe beziqeqesha neqembu elidlala kwiLiga F, yabesifazane , okuyiqembu elizihola phambili kuleligi esibalulwe ngenhla. Kuphinde kwavela ukuthi labadlali bazophind bavakashele indawo enomlando eSpain, i-Estado de la Ceramica, onomhlando oyikhulu yaba khona. “ Labadlali bazophinde babe yizibukeli uma kudlala amaqembu amabili okuyi Villareal CF kanye ne Caldiz , azobe edlalela enkundleni LALIGA EA SPORTS. Uthe bazojoyinwa nguSakhile Nkomo, waseSoweto, ngonyaka u-2017,owawina i-LALIGA Future Coach Talent Search, waphinda wathola ulwazi eMadrid nase Spain. Kuphinde kwavela ukuthi uKhomo walandela uMnu Pitso Masimane, naye owathola uqeqesho, ngenkathi esaqeqesha i-Orlando Real Sweepers FC. UNthabiseng uthe ujabule kakhulu ngokunikezwa ithuba lokuthi aye eSpain, njengoba kungokuqala evakashela lelizwe. Uthe ngizojabulela ukuthola ulwazi kanye nokufunda okusha aphinde athuthukise ikhono lakhe kwezebhola. UNompumelelo naye uthe ujabule kakhulu ngokuthola leli thuba eliyinqayizivele, futhi ukukhethwa kwakhe kumjabulisile, ngoba uzimisele ngokufunda lukhulu kuleliyazwe. Uqhube wathi ukuyodlala ezinkundleni zeVillareal ikona asehluleka nokulinda ukuba abekhona. “ Loluhambo lungolubaluleke kakhulu, futhi ukuyofunda amakhono kwabanye, nokugqugquzela ukuzimisela kwabo ileliqembu , kuzobanika ugqozi nofuqufuqu. Ngiyathokoza kakhulu ukuba ngibe inxenye yeLALIGA, kusho onguMqondisi uTresor Penku. UMorgan Shandu oyiHead of Operation, eHollywoodbets, ukuthakasele lokhu wathi kuyakha kakhulu, kanti kubalulekile kakhulu ukuba batshale kwabesifazane. Uqhube wathi wathi i-Hollywoodbets Super League, isikhombise ukutshala kakhulu kwabesifazane, kanti isilijikile ibhola lezinyawo labesifazane. Uqhube wathi ngonyaka ondlule bahambisa abenza kahle kwiligi kwiBrentford FC, lapho ababeyoqeqeshwa nabanye abesifazane abaku-Premier Leagues women’s team, kanti eminyakeni emibalwa endlule babona iqembu leSundown lenza kahle kakhulu emqhudulwaneni weCAF Women’s Champions League, ngoba wanqotshwa yilo leliqembu. Uthe neqembu leBanyana banyana lilikhuphule kakhulu izinga lebhola. Uphethe ngokuthi i-Hollywoodbets iyazigqenya kakhulu ngokubona iSouth African women’s football inyukela kwelinye izinga.