YISIGUNGU sesikhashana esimele amabandla ehlukene eMajuba.Isithombe.SITHUNYELWE
ABAMABANDLA eMajuba balwemukele ushintsho oluhlongozwayo lokukhethwa kwesigungu esiphezulu esizomela lesi siFunda Amajuba kunhlangano engamele amabandla i-KwaZulu-Natal Christian Council (KZNCC).
Kubikwa ukuthi lesi sigungu sesizoba nehhovisi laso khona kulesiFunda Amajuba , njengoba bekufanele kube nokhethe lwesigungu esiphezulu ngelendlule kodwa kuhlongozwe ukuthi kuqhubeke sona isigungu sesikhashana (interim structure), bese kuthi ngasekupheleni kuka Novemba bese kukhethwa ikomiti lesi gungu esiphezulu esizomela isifunda ezifundazweni saKwaZulu-Natal.
Lesi sinqumo sithathwe ngenkathi bekunomhlangano ehholo lomphakathi eKilkeel , eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngeviki elendlule.
Isitatimende sithi:” Bekumele kukhethwe ikomiti elisha, kodwa njengoba belivele likhona elidala akuchitshiyelwe kulona, kube ngelesikhashana njengoba lona leli okuchitshiyelwa kulo lizophelelwa isikhathi ngo Novemba bese kukhethwa ikomiti elisha.
Kuvelile ukuthi abantu abebethamele lo mhlangano bebebalewa kwabangamashumi ayisithupha (60),.
“Bathe enye inhloso yokusungula amakomiti isifunda nesifunda ukuzama ukuqinisekisa ukuthi amabandla asebenza ngokubambisana,” kusho isitatimende.
Siqhuba sithi, abamabandla kumele basebenzisane kulwisane nezinqinamba ezibhekene nabantu ikakhulukazi intsha okubonakalayo ukuthi iyaphuma endleleni, kuphinde kulwisane nazo zonke izinto , nezithiyo ezithikameza izimpilo zabanu, kuphinde kubuyiswe isithunzi ebantwini futhi kuthuthukiswe nezimpilo zabantu.
Baphethe ngokuthi kuhle impela ngoba lolu shintsho luzokwakhelwa phezu kohlaka oluvele lukhona.