AKAKHOMBISANGA ukuzisola owabalala amalunga awu-4, omndeni okukhona kuwo nomalume wakhe owamkhulisa emva kokuba eshonelwe abazali bakhe bobabili. Kuvelile eNkantolo ePhakeme yaseMadadeni ukuthi uMthunzi Sithebe , akagcinanga ngokubulala umalume wakhe kodwa , waphinda wabulala nomzala wakhe owabe emthatha njenkomfowabo ngoba bakhuliswe ndawonye ekhaya likamalume wakhe uSthebe. Ngaphambi kokuba inkantolo ikhiphe isigwebe imbuzile uSithebe , ukuba unakho yini ukuzisola ngesenzo sakhe, kodwa impendulo ithe,”Cha”, kodwa ubelibe ekuqinisekisile ukuthi umsulwa nanxa bonke ubufakazi obulethwe ngaphambi kwentalo buveza ukuthi wawabulala amalunga omndeni kanye nomalume, kodwa akazange akhombise ukuzisola. Ekubeni azisole uvele waphenduka wabheka emuva watshela umalimekazi wakhe uJoice Motha, ukuthi usamthatha njengomama wakhe, futhi uyamthanda, ube esehluleka umalumekazi wakhe ukubamba izinyembezi , kwathi amanye amalunga omndeni asele azama ukumduduza. Kuphinde kwavela ukuthi abazali bakaMthunzi Sithebe, babulawa ngesihluku ,iqulu labantu ngenkathi uMthunzi eneminyaka ewu-10, vo, kwabe sekuphoqeleka ukuba ayohlala nogogo wakhe, kodwa ngenxa yokuthi ugogo wabe engenawo amandla okumnakelela wabe esethathwa nguSimphiwe Lucas Motha, noJoiuce, abangomalume kuye basendaweni yase Kilkeel Farm, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, bamkhulisa. “ Ngingazi ukuthi uzothi uma esekhulile uSithebe (umshana),angenze umfelokazi,” esho uJoice, eqhuba ethi aphinde abulale nabantwana bami imbala, esho esitatimendeni ebesifundwa ngu Advocate Ntokozo Mlotshwa. Uqhube wathi umalumekazi ukhale ngokuthi umuzi wakhe waphenduka indawo yamathuna (graveyard), njengoba sengihlala njengowesifazane ongenethemnba. Uqhube wathi uma ngabe uSithebe akaboshwanga ngabe nami sengibulele kanye nabantwana bami abasasele. Lokhu kwangiphula umoya kakhulu ngoba ngamkhulisa njengomntwana wami ngingazi ukuthi uzongijikela uma esekhulile. Kuvelile ukuthi ukuqala kokonakala kwezinto kwaqala mhlaka 17 September 2017, lapho uSithebe abulala khona umalume wakhe eNine Miles, ngaphandle kancane kwasOsizweni, lapho umalume wakhe uSimphiwe Motha wabe ehamba nomakhelwane uNkosinathi Ngubo, bebuya ngemoto kaNgubo eNewcastle. “ Owayeshayela ngumyeni wami uSimphiwe Motha, wafike wama kulendawo esibalulwe ngenhla, ezimpambanweni zomgwaqo, lapho uSithebe avele wavulela khona ngoyaba lwezinhlamvu. USimphiwe Motha (malume), waphuthunyiswa esibhedlela eMadadeni, namanxeba okudutshulwa ekhanda, kodwa kwamenela ngakusasa izintatha ngenxa yalamanxeba okudutshulwa. Kodwa uNgubo yena wabanenhlanhla wasinda kulesigameko futhi waphuma engenamyocu. Kuphinde kwavela enkantolo ukuthi esigamekweni sesibili ngomhlaka 1 November 2021, uSithebe , wabulala Ilunga lesibili lalo mndeni, okuyingane kaSimphiwe noJoice Motha, enguZanele. “ UZanele wayebhizi exoxa nomzala wakhe uSfiso Sithole, endaweni yokucima ukoma ePhilisa Emfundweni, ngenkathi uMthunzi Sithebe nabangani bakhe uSifiso Innocent Phakathi no Jabulani Sikhakhane, befike bevulela ngenhlamvu kulendawo yokucima ukoma kwashona uZanele, wasinda uSifiso Sithole. Kwabe sekuthi ubhuti kaZanele uBonginkosi Motha wajaha laba abathathu emva kwesigameko, ngenkathi bebaleka , waphoqeleka ukuba ajike ngoba babedubula bebhekise ngakuye. Kwathi mhlaka 17 November 2021, kwamenela uBonginkosi , naye owadutshulwa wabulawa, emva kokuba wabe esecele ukuba sizwe nguJabulani Sikhakhane ukuba bayothungatha uMthunzi Sithebe. Kulobo busuku uSikhakhane wafonela uBonginkosi Motha ukuba bahlangane kanti umdobela ukuba ayobulawa, kodwa uPhakamani Sithole naye uBonginkosi Motha , badutshulwa bashonela lapho okwakumele kuhlanganwe khona, kanti nomakhalekhukhwini babo bantshontshwa.” Omakhalekhukhwini batholakala emva kwezinsuku eziwu-6 mhlaka 23 November 2021, lapho kwakuqashe khona uMthunzi Sithebe , eThembisa (Gauteng).UMthunzi Sithebe oneminyaka ewu-39, ube eselahlwa ngamacala amane okubulala umalume wakhe uSimphiwe Motha, Zanele Motha, Bonginkosi Motha kanye noPhakamani Sithole, waphinde walahla ngamabili okuzama ukubulala uNkosinathi Ngubo kanye noSifiso Sithole, kanye nelokweba omakhalekhukhwini. Ubhululu wakhe uSifiso Phakathi oneminyaka ewu-33, yena ulahlwe icala elilodwa lokubulala kanye nelilodwa lokuzama ukubulala. Kuvelile ukuthi uPhakathi ungumshayeli wamatekisi eThembisa kanti laba uSithole noMotha ubazi ngaye uMthunzi Sithebe, ngoba ethi wabe ephuza utshwala naye ngalelilanga kubulawa uzanele, kanti futhi uphinde wakuveza ngenkathi ethula ubufakazi ukuthi akanabutha nalemindeni wakwaSithole kanye nowakwaMotha. Kuphinde kwavela ukuthi uMthunzi Sithebe ubesola omalume bakhe bakwaMotha ukuthi bangabathakathi futhi yibona abenza ukuthi abazali bakhe babulawe ngesihluku. UMthunzi Sithebe ube esegwetshwa odilikajele abawu-4 kwawokubulala, iminyaka ewu-10 kwawu-2, okuzama ukubulala ababili kanye nezinyanga eziwu-12 kwelokubamba inkunzi, kanti uSifiso Phakathi , ugwetshwe udilikajele kwelokubulala uzanele Motha, ewu-10 , kwelokuzama ukubulala uSifiso Sithole. Ijaji , uMngadi, ngenkathi likhipha isigwebo lithe ubufakazi obuvele encwadini ebibhalwe uJoice Motha, ibuvezile ubuhlungu nokudideka okwamvelela elahlekelwa ngamalungu omndeni. Lithe ukuthatha izimpilo zabantu akufani nanoma usuke unquma izimbuzi zakho, impilo yomuntu ibalulekile kakhulu. Uqhube wathi uMthunzi Sithebe lokhu wabe ekuhlelile ukubulala lamalungu omndeni wakhe ngesihluku, ikakhulukazi ukubulala umalume wakho owakukhulisa.