AMAPHOYISA seMatimatolo adinga usizo lokuthola Ilunga lomndeni elilahlekile uNksz Amanda Wendi Dladla (21), wase Eshawe, Ematimatolo. Kuvelile ukuthi wagcina ukubonakala mhlaka 9-11 March 2024, ehamba nomngani wakhe. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi enyamalala wabe egqoke ibhulukwe elimnyama kanye nehembe elimdaka. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi, uConst Siyabonga Nkwanyana, uthi umngani wamgcina elidle kakhulu amanzi amponjwana , wathathwa wathathwa i-Ford bantam yamusa endaweni yasebhema , wangaphinda wabuya. Uqhube wathi umngani walibika udaba kumama wakhe ukuthi kwenzakalani. Kudingwa noma ngubani ongaba nolwazi lokuthi ungakuphi ukuba axhumane nomphenyi wecala uSgt Manzini kulezinombolo 072040 0348 noma kulena 033 445 9332.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...