IMPALA ehanjelwe isikhathi eshaqwe endaweni egcina izimpahla esihanjelwe sikhathi kanye nengombombayi Izithombe: ZITHUNYELWE
UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, usejube uphenyo ngempahla engumbombamboayi nesidlulelwe yisikhathi etholakale endaweni okugcinwa kuyo izimpahla, eBluff, eThekwini ngoLwesithathu ukuthi ngabe lezi zimpahla okukholakala ukuthi bezisuka kwamanye amazwe bezizodayiselwa bani.
UMkhwanazi ubehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngenkathi begasela kule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe phakathi kwempahla eshaqiwe kubalwa ofishi abasethinini, iziphuzo ezihlohlozayo, ubhontshisi osethinini, ukudla kwezingane, ama-spice, konke lokhu okunobungozi ngoba bekubekwe nemithi namakhemikhali okubulala izinambuzane.
“Ezinye izimpahla ezitholakele bekungezokugcoba, imithi engombombayi notshwala osebudlulelwe isikhathi,” kusho uColonel Netshiunda.
“Ngenkathi amaphoyisa eqhubeka nophenyo lwawo aphinde athola nezimpahla zokugqoka ezingombombayi zamagama amakhulu, ezibiza izigidi zamarandi.
Ngakho amaphoyisa athungatha laba abadayisa impahla esidlulelwe isikhathi, ezidayiswa ezitolo zasemakhaya kanye nasezi-paza, nalaba abaletha impahla engombombayi ngoba iningi lazo liqhamuka ngaphandle emazweni angomakhelwane.
Amaphoyisa asekuqinisekisle ukuthi azoqapha yonke imikhumbi echwebeni ukuze abone ukuthi ayifiki yini nezimpahla esezidlulelwe isikhathi nezingombombayi,” kuqhuba uColonel Netshiunda.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uMkhwanazi uwasheyele ihlombe amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ekushaqeni le mpahla engombombayi nesidlulelwe yisikhathi, eBluff.
Uthe bazoqinisekisa ukuthi bazokwenza uphenyo olunzulu ukuze kuboshwe abenzi bobubi ngoba babeka izimpilo zabantu kakuleli zwe engcupheni ikakhulukazi izingane ezidayiselwa ukudla osekuhanjelwe isikhathi kanye ezi-paza, kanti sekundlule nemiphefumulo yezingane eziningi ngalesi senzo.