SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE
ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho nowayeyisishoshovu sikaKhongolose uChief Albert ‘Mvumbi’ Luthuli.
Emlandweni kuyavela ukuthi uChief Albert Luthuli waba nguthishaNhloko kulesi sikole saseBlaauwbosch iminyaka emibili ngo-1917 kanye no-1918 ngaphambi kokuba ayosebenzela e-Adams College.
Usomlando uMnuz Louis Eksteen uthe kubhuku lakhe , uChief Albert Luthuli waphothula iqhuzu (diploma), lokufundela ubuthishela ngo-1915 ayelenza e-Edendale Methodist Church ngaseMgungundlovu, kwathi ngonyaka u-1917 waqala wasebenza njengoThishanhloko eBlaauwbosch, eNewcastle wagcina ngo-1918 emva kokuba esesebenze kulesi sikole iminyaka emibili.
Uthe ebhukwini lakhe, emva kokushiya esikoleni samabanga aphansi eBlaauwbosch ngo-1918 , wabe eseya ekolishi i-Adams (Adams College), eManzimtoti lapho afike wafundisa khona iminyaka engu-15.
Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi esafundisa eBlaauwbosch wayehlala emzini ka Samuel Xaba.
“ Esahlala kwaXhaba wayebuye abe nguMholi ebandleni lama Methodist (Lay Priest), ngaphansi kukaMvangeli (Evangelist), Samuel Xaba ,” esho, eqhuba ethi , wayehlala emzini wamakholwa naye wagcina eseyikholwa.
UMnuz Eksteen washicilela leli bhuku ngonyaka u-2012 , elikhuluma ngomlando kaChief Luthuli.
Uthe ebhukwini lakhe igama elithi Blaauwbosch laqhamuka nama Dutch kanti lona lithi ngesiDashi Bloubos, okuchaza amacembe noma izihlahla esincane.
UMendo Gampu uthe esitatimendeni , leli gugu elidilikayo manje liyingxenye yamafa ase Blaauwbosch, futhi leli hholo lo mphakathi lingelinye la makilasi lapho kwakufundisela khona uChief Luthuli.
“Amakilasi unombolo-17 no-18 asashintshwa enziwa i-Luthuli Legacy Heritage Museum,” kusho uGampu, eqhuba ethi, umkhandlu kaMasipala waseNewcastle wethembisa ukuthi uzoyinakelela le ndawo kodwa lutho namanje njengoba iqhubeka nokucekeleka phansi ngenxa yobudala.
Uthe esitatimendeni, kunehlazo lokuthi lesi sikole esinomlando asinazo izindlu zangasese kanye namanzi.
Uqhube wathi esitatimendeni, kwakhanselwa ithenda yokulungisa lendawo ngesabelomali sika 2022/23 , kwathiwa imali iphelile.
Uthe esitatimendeni, kulibe kwama lapho ngezinhlelo zokulungisa le ndawo.
“Izingane ziyagula ngenxa yokuthi azikho izindlu zangasese ezisesimeni esihle, njengoba lesi sakhiwo naso singawa noma yinini, ushabalale umlando omuhle ngaso.
Kuvelile ukuthi izindlu eziningi , amasonto kanye nezikole zazakhiwa ngamatshe kudala futhi zinomlando.
Uthe kulendawo kwakukhona izishoshovu zomshoshaphansi okubalwa kuzo uSolomon Msomi, Luke Ndebele, Zebulon Gama, Solomon Davenda, Gwalima Sikhaknane, Hluphuyise Masuku, Sodlaphuza Xaba, Samuel Kubheka, Jacob Sithole, Richard Ximba, Makhobeni Nkosi, Job Xaba, Simeon Simelane, Jack Mnguni, Samuel Xaba, Albert Ntombela, Mlambo Nkosi, Amos Zulu, Magala Mkhwanazi, Adam Shongwe, Aaron Nethisa, Moses Mabaso, Samuel Nhleko, Philemon Hlatshwayo, William Molise, Phillemon Nxumalo, Johannes Boer Mnguni kanye noBaskit Gama.
Uphethe ngokuthi ubaba uChief Luthuli wayeshumayela eMethodist kuleminyaka emibili ayihlala ehlala emzini wakwaXaba osekhona namanje.
Ihhovisi lezokuxhumana kuMasipala waseNewcastle lithintiwe ngalolu daba kodwa ngesikhathi sokushicilela belingakaphenduli.
Sikhuluma nje kunobufakazi obuqhubekayo eNkantolo ePhakeme yase Pietermaritzburg mayelana nokufa kuka Chief Luthulu owashona ngo-1965.
Kuzokhumbuleka ukuthi ebufakazini baphambilini kwathiwa uChief Luthuli washayiswa iguzu lesitimela, kodwa manje sekunobufakazi obuvelayo bokuthi sengathi washaywa njengoba ukuba wabe eshayiswe iguzu ngabe watholakala umzimba wakhe uyizicucu.