NGUMQONDISI uMnuz Thembinkosi Shandu, nguMeya uKhansela Thembelihle Mthembu kanye neMenenja yakwaTechnical Services uMnuz Sifiso Cele. Isithombe. LANGELIHLE CHAGWE
“ASONGENI amanzi, siphinde siwakhokhele,” kusho oyiBamba leMeya yaseMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu , ngenkathi bekuvulwa ngokusemthethweni iphampu ephamba amanzi e-Balele e-Utrecht, ngoLwesine lolu.
UMeya uMthembu ukusho lokhu ngenkathi ebeqhuba uhlelo lwakhe lokugubha izinsuku eziyikhulu agqogqobala lesi sikhundla (bamba Meya), futhi ethula nosekwenziwe ilo Masipala ngaphansi kobuholi bakhe selokhu abanjiswa lesi sikhundla.
Uthe , akugcinwanga ngokufakelwa kwamaphampu amabili amasha kulesi siphehli manzi kodwa, kuphinde kwaphuculwa nepayipi lokuhambisa amanzi.
“ SinguMasipala Amajuba sabona ukuthi izakhamizi zakulenadwo zibhekene nenselelo yokungahanjiselwa kwamanzi ,ngenxa yokuthi ipayipi lokuphakela amanzi bekungelepulasitiki, lihamba emfuleni , obekuthi uma kunezikhukhula likhahlamezeke yizihlahla ligcine selingasebenzi,” kusho uMthembu, eqhuba ethi sifake manje ipayipi lensimbi elizohlala isikhathi eside futhi izakhamizi zizophakelwa amanzi ngaphandle kwezihibe.
Uqhube wathi, lokufakelwa kwamaphampu amabili kanye nepayipi lensimbi kudle isamba semali engu-R8.9 million ethathwe esikhwameni sezezinhlekelele (disaster fund).
“ Njengamanje kusebenza iphampu eyodwa , lena enye ibhekelele ukuthi uma kufa lena isebenze (standbyor reserve), kanti amanzi amponjwa ngogesi, kodwa futhi siphinde sahlinzeka ngenjini ebhekelele ukuthi uma ungekho ugesi iqhubeke iphampe amanzi.
Uqhube wathi , lesi siphehli manzi sizophakela ihotela laseMadlangeni, iKhayalethu, izikole ezakhele lendawo kanye nezakhamizi ezibalelwa kwezingu-90.
Uthe, esesikwenzile kulesikhathi ngingenile ehhovisi njengebamba leMeya, siphucule ubudlelwane phakathi kwethu nobuholi bendabuko Amakhosi, neziNduna, senzela izaguga idili likaNcibijane (Christmas party),senza ezemidlalo zaminyaka yonke e-Charlestown , eyaziwa nge NetSoccer, sahambisela izakhamizi amanzi ngamaloli , lapho ayentuleka khona, savakashela izikhungo zempilo ngoNcibijane safika sapha abazali bezingane izipho abatete ngalolu suku, saphinde sanikelela ngezipho kubantwana abazalwa mhla zilunye ku-2025, sahambela ikhaya labantwana abantulayo (desititute children),i-KwaHilda Ongcwele , nabo sabapha izipho, sahlola ukuthi kuyahambeka yini emigwaqeni ukuze ziqinisekise ukuthi amaloli aphakela amanzi ayafinyelela kuzo zonke izakhamizi, saphinde saphuma umkhankaso wokulwisana nokuvuza kwamanzi (War on leaks), sihambela izakhamizi lapho ebesezihlale iminyaka emihlanu ompompi benganamanzi, okusaqhubeka namanje ukuhanjelwa kwezindawo.
“ IsiFunda sethu Amajuba zikhahlanyezwe zimvula ezinamandla , ezicekele phansi inqalasizinda kanye nezindlu futhi zashiya izakhamizi eziningi dengwane,” kuqhuba uMeya Mthembu.
Uphinde wakuveza ukuthi kuke kwaba khona umhlangano wokucobelelana ngolwazi (water summit), okwakuhloswe ngakho nokuqhamuka nezixazululo zokonga amanzi kanye nokuwagcina isikhathi eside.
“Sinikele ngemifaniswano yesikole kwabantulayo,sinozakwethu uMeya waseNewcastle uKhansela Xolani Dube , selekelele izakhamizi ngenkathi kwakunesitimela sezempilo (Phelophepha health train),saklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso, sakhipha umfundaze ngokubhalisela abafundi abangu-15 (regiser 15 students), ezikhungweni zemfundo ePhakeme.
Uphethe ngokuthi lokhu sikwenze ngesikhathi esincane kakhulu selokhu ngagqogqobala lesi sikhundla.