NguMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi ,uzovakashela uMasipala wakwaNongoma ngenhloso yokuyohlola isimo emva kokuba kuhlasele izimvula ezinamandla ngoLwesine.
Kubikwa ukuthi izimvula ezinamandla zihlasele izakhamizi ezingaphansi kwaloMasipala wakwa Nongoma, zacekela phansi imizi kanye nenqalasizinda.
UNgqongqoshe uMfu Buthelezi uthe esitatimendeni , sizovakashela uMasipala wakwaNongoma ukuze siyohlola umonakalao odalwe izimvula ezinamandla, ebezihambisana nemimoya kanye nezikhukhula.
“ Sizobe sihambisana nabezezinhlekelele kanye nonjiniyela , ukuze siyolekelela kanti kuzohlanganelwa e-Hlolinyoka Community Hall, KwaNongoma, isikhathi koba ngu 10 ekuseni ngoMgqibelo,” kusho uButhelezi.
Uphethe ngokumema abezindaba esitatimendeni ukuba babe yingxenye yokuvakashela lo Masipala nezakhamizi ezikhahlamezekile.