NGUSOLWAZI Mathis Mbatha evunule ngombala wengwe esifubeni nomqhele. uMnu Phumlani Mhlungu ophethe inhlangano National Albinism Society KwaZulu-Natal, kanye nabamashi ngesikhathi kuqwashiswa ngabebala elimhlophe ukuthi bangabantu abafana nathi. Izithombe. LANGELIHLE Chagwe
INTO embi ikhonjwa kithi! Lawa ngamazwi ashiwo nguSolwazi UMathis Mbatha, eDundee, eNyakathi, ngenkathi bekunemashi, eqale kuMasipala Endumeni, yaya erenkeni, kwase kuqhutshekelwa eMoth Hall, obekuhloswe ngayo ukuqwashisa kanye nokukhuza umhlola ngokubulawa kwabantu bebala elimhlophe. Uthe asilaphi ngezicubu zabantu zilapha ngamagxolo. ” Asikwazi ukuthi kulashwa ngabantu,” kusho uSolwazi Mbatha obekhulumela izinyanga nezangoma , eqhuba ethi izinyanga nezangoma mbumbulu lezi ezibulala abantu bebala elimhlophe ezithi zakhela abantu umuthi wenhlanhla. Uthe labo ababulala abantu bathi balapha ngezicubu zabo abathakathi bafuna ukuboshwa nje gqa. “Sibone kubalulekile ukuthi sibe nalemashi ngoba kungu September owahlonzwa njenge Albinism Month,” kusho uNkk Sisi Mkhwanazi, osebenza eMnyangweni i-Community Safety and Liaison, khona eDundee. Uthe kumele siyimiNyango kaHulumeni kanye nomphakathi wonkana sisebenze ngokubambisana silwisane nalesihlava sokubulawa kwabantu bebala elimhlophe. Sibonga abalaphi bendabuko abaphume ngobuningi babo bezoziqhelelanisa nalesihlava sokuthi abantu bebala banenhlanhla noma ulala nabo.
” Abantu bebala bayafana nathi, akukho mehluko. ” Bafowethu thina bantu bebala sinenselelo enkulu, ukuhlukunyezwa kwabantu bebala bahlukunyezwa bezalwa, amalunga omndeni, ezikoleni kanye nasempakathini. Uthe umfowethu ekhaya akafananga nami lokhu okwenza ukuthi ngingamukeleki kahle. Uqhube wathi nasemsebenzini imbalala siyahlukunyezwa. ” Sibonga kakhulu uhulumeni ngokuseseka ngokuthi aze abone ukuthi sikhubazekile. ” Esikoleni engangifunda kuso uthisha wayengalimaki isesesazi lami kodwa ngakwazi ukumelana nalokho ngoba ngafunda ngaze ngathola iziqu futhi ngisebenza kahle,” kusho yena, eqhuba ethi, abanye bethu abakwazi ukushayela izimoto ngenxa yokungaboni kahle kanti abanye bayakwazi ukushayela. Uqhube wathi abanye bethu bayeka isikole ngenxa yokucwaswa. Uthi kuneminyango kahulumeni engakabamukeli kahle abantu bebala. Sibonga kakhulu umaphakathi osulusukumele udaba lwethu kanye namaphoyisa. Phambili ngokuthuthukiswa kwabantu bebala phambili.
Ubaba wathi engakandluli emhlabeni umsamo uyahlonishwa, angeke uye emsamo unezandla ezinegazi ngenxa yokubulala. “Sinenkinga enkulu ngoba kuyaye kudingeke ukuthi siye ezinyangeni nasezangomeni kodwa siyesaba ngoba asazi ukuthi siyakubantu abaqondile noma siyozibulalisa,” esho.