AMAPHOYISA amane azinikele koKlebe (HAWKS), emva kokuba ozokwabo baboshwa ngesonto emva kokuthatha ugwayi esitolo sikasomabhizinisi , bamtshela ukuthi ungombombayi. Kuvelile ukuthi oKlebe bathola isikhalazo ngamaphoyisa awu-3 , elilodwa lalifake umfaniswano wamaphoyisa. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa asePhoenix athole isikhalazo esithi kwafika ikhasimende lafika lakhipha imali ewu-R400.00 lathenga amabhokisi amathathu kagwayi amawu-3 , labuyiselwa ushintshi. Okhulumela oKlebe uLt-Col Simphiwe Mhlongo uthe kwafika ikhasimende lathenga amabhokisi kagwayi awu-3 , lanikezwa ushintshi okwathi emva kwemizuzwano kwabe sekungena abasolwa abawu-4 , bazethula njengamaphoyisa , kwathi elilodwa elabe lifaka umfaniswano lathula ozokwabo ababengawufakanga umfaniswano. Uqhube wathi babe sebecela ukusesha esitolo , babe sebethatha ugwayi emva kokuba betshele umnikazi wesitolo ukuthi ungumbombayi. Uthe laba basolwa babe sebephoqa umnikazi wesitolo ukuba abagwazele ngemali ewu-R100 000.00 ngoba bemsola ngokudayisa ugwayi ongumbombayi, ukuze bamdedele ngoba base bembophile. “ Umgilwa wabe esefonela unkosikazi wakhe ukuba azame imali ukuze bamdedele,” esho. Uqhube wathi unkosikazi kamgilwa wazama ukuhlanganisa imali ewu-&9 500.00, ukuze kudedelwe umyeni wakhe. Ukuvezile ukuthi kube sekubekwa indawo lapho kuzohlanganwa khona amaphoyisa athathe intshontsho , okuthe uma beqeda ukulithatha intshontsho ababopha amaphoyisa. “ Izolo mhlaka 10 September 2024, amaphoyisa awu-, azinikele koKlebe emva kokuzwa ukuthi bayafuneka. Lokhu sekwenze ukuthi inani labasolwa ababoshiwe lifinyelele kwabawu-8, kanti bavelile eNkantolo kaMantshi izolo bebhekene necala lenkohlakalo. Laba ababoshiwe baneminyaka esukela kwewu-31 kuya kwewu-54. Kanti bonke bavele eNkantolo kaMantshi waseDurban. Inhloko yoKlebe esiFundazweni uMaj-Gen (Dkt), Lesetja Senona ukushayele ihlombe ukuboshwa kwalamaphoyisa angamazambane abolile embuthweni wamaphoyisa. Uthe lokhu kuzothumela umlayezo onqala kulabo abasafuna ukugila lomkhuba owenziwe ilamaphoyisa.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...