ABAFUNDI abantulayo abafunda ezikoleni eziwu-3, okubalwa kuzo Impala High School, Thathunyawo High kanye neSpookmill Primary School. Labafundi balezikole esezibalwe ngenhla bagixabezwe ngezicathulo ifawundeshini i-Sizwe Sandile Mabanga Foundation ngelendlule. Labafundi abagixabezwe ngemifaniswane bahlonzwe amathishela ngoba bebona ukuthi bagqamuka emzini entulayo eSpringbok, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Omunye wabaqondisi balefawundeshi uMnu Sizwe Sandile Mabanga , uthe bona njengenhlangano bazimisele ukunceda abafundi abantulayo ngokubanikeza imifaniswano, ukubathengela imishubo (sanitary pads), ukubatholela izimoto zokuthutha abafundi zamahhala ngoba kwezinye izindawo zikhona kodwa kulendawo noma kulewadi azikho. Uqhube wathi abafundi bahamba amabanga amade ngezinyawo , abanye sebeke bacishe badlwengulwa ngako ukuthi bahamba amabanga amade. Uthe imfundo ibalulekile kakhulu yingakho lolusizo bezobuya baliqalise nasezinkulisa ngoba imfundo iqala khona futhi ziningi izinselelo ezibhekene nezinkulisa ngoba enye enkulu ukunganikezwa imali yokudla ngesikhathi. Kuvelile ukuthi izinkulisa zilibe zagcina ukuthola imali yokudla ngo June kanti futhi nabantwana bayaphoqeleka ukuba baphathe izikhafutini uma beya ezinkulisa. Uthe sifisa ukuthi zinxenxe abaxhasi ukuba basixhase nangemtholampilo engomahamba nendlwana ukuze basizakale bonke izingane kanye nomphakathi ngoba kuwathatha isikhathi ama ambulense ukuba afike uma ebizwa , futhi uma kugula umuntu ngoba ahamba amabanga amade. “ Sifisa nokuxhumana namakhosi abefundisi nanezinye izinhlaka ezizimele ngenhloso yokwakha isizwe ngoba kuyabonakala ukuthi izingane zikhulelwa zisencane kanti nabafana bayalwa ezikoleni ngoba sekwaba khona amagenge, alwayo kugcine kuphume nemiphefumulo,” kusho yena. Uqhube wathi ogogo bathwele kanzima emakhaya ngoba kumele bathathe izimali zokuguga bondle izingane. Uthe bafisa nokunxenxa abantu ukuba bahambele ezikoleni ukuze beyofundisa abafundi ngokukhetha imikhakha, abayithandayo. Uqhube wathi ayikho nemtapo yolwazi ,izindawo zokufundela ezesayensi phecelezi ilaboratry kanye nezinye izinsiza. Lenhlangano ibe isinxenxa izikole kanye nezinkulisa ukuba zibhale phansi uhla lwezidingo zabo ukuze bona bezongqongqoza eminyangweni eyahlukene kanye nakosomabhizinisi ukuba bafake isandla kuxhaswe laba abantulayo. UThishanhloko waseMpala, uMnu Bongani Myeni, ubonge kakhulu ngoxhaso olulethelwe labafundi abantulayo . Uthe kukaningi umnyango weZemfundo uyafika uhambe ubhalisa kubhekwa nezidingo zesikole baphinde bahambe bangaphinde babuye nosizo. Kanto kolunye uhlangothi uthishanhloko waseThathunyawo,uMnu Wise Mkhaliphe naye ubonge kakhulu kubaxhasi, wathi Inkosi ibabusise futhi baphinde basize abanye. Ukhale kakhulu ngezingane zabafana wathi kukhona abafana abangabafundi abaneminyaka ewu-13, asebenamacala okubulala ngenxa yalamagenge alwayo. Uphethe ngokuthi angeke yena abhale incwadi yokuthi umfundi ofunda esikoleni sakhe uyafunda ukuze adedelwe ngebheyili uma ethweswe icala lokubulala. UThishanhloko wase Spookmill naye ubonge kakhulu ngoxhaso lwezicathulo olulethwe ilafawundeshini.