INKANTOLO yesiFunda i-Ntuzuma igwebe uZwide Nxumalo oneminyaka engu-49, uBongumusa Mfanafuthi Qwabe oneminyaka engu-34 kanye noBhekinkosi Simphiwe Manyanga oneminyaka engu-34 , iminyaka engu-26 bebhadla ejele ,umuntu ngamunye emva kokulahlwa ngamacala amabili elokubulala kanye nelokuthumba, uMinenhle Charles Khumalo owabe eneminyaka engu-23 mhlaka 17 Novemba 2022.
Kubikwa ukuthi uNxumalo, uQwabe kanye noManyanga umuntu ngamunye ugwetshwe iminyaka engu-18 kwelokubulala base begwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili kwelokuthumba ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni, uNxumalo, uQwabe kanye noManyanga bagwetshwe iminyaka engu-26 umuntu ngamunye emva kokuba belahle icala lokubulala kanye nelokuthumba uKhumalo.
“ Isidumbu sikaKhumalo satholakala KwaMashu emgwaqeni uKholwa ehhositela ,sinamanxeba amaningi, kusho uLieutenant-Colonel Magwaza , eqhuba ethi kukholakala ukuthi uKhumalo walimala ngenkathi wayejahwa ilaba abathathu.
Uqhube wathi esitatimendeni ,uKhumalo waphuthunyiswa esibhedlela emva kokutholakala kulomgwaqo osubalulwe ngenhla emva kokujahwa kanye nokuthunjwa.
Uthe esitatimendeni ,emva kophenyo olunzulu amaphoyisa akhona ukubopha laba abathathu uNxumalo, uQwabe kanye noManyanga.
Uphethe ngokuthi bavela enkantolo izikhawu eziningi njengoba sebegcine begwetshiwe.