ZIBHAMU ezitholakale kuboshwa abasolwa.Isithombe.SITHUNYELWE
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka engu-32 nengu-44 eMsinga, mhlaka 20 Ephreli 2025, emva kokuba betholakale nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu kwaNyandu,eMsinga, ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi.
Kubikwa ukuthi laba ababili baboshwe amathimba ahlukene okubalwa kuwo i-KwaZulu-Natal Tactical Response Team (TRT), i-Newcastle Public Order Police (POP), kanye noMzinyathi District Crime Intelligence (UDCI), emva kokuba betholakale nezibhambu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa ababili abatholakele nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu kwaNyandu,eMsinga mhlaka 20 Ephreli 2025.
Uthe esitatimendeni ,sezizonke izibhamu ezitholakele zibe nhlanu kulomkhankaso.
Uthe esitatimendeni , umsolwa wokuqala uboshwe emva kokuba etholakale nesibhamu sohlobo lwe pistol kanye nezinhlamvu konke okungekho emthethweni.
“Leli thimba liphinde lagasela kumsolwa wesibili lamthola nesibhamu naye sohlobo lwepistol esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu,” kusho yena , eqhuba ethi kwenye indawo bathole izibhamu ezimbili ezingumjoja ntaba .303 rifles kanye nepistol , nezinhlamvu kodwa akuboshwanga muntu.
Uthe esitatimendeni, zonke lezi zibhamu ezitholakele zizoyohlonzwa ukuthi azikaze yini zithinteke ezenzweni zobugebengu.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, bonke laba basolwa nazovela eNkantolo kaMantshi wase Msinga maduzane bebhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
UKhomishana wamphoyisa esiFundeni uMzinyathi uMajor General Francis Slambert esitatiemendeni , uncome lezi zinhlaka zamaphoyisa ezibophe laba basolwa, zashaqa nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
“ Ukususa izikhali eziyingozi emphakathini , kuyindlela eya phambili ekuphephiseni kanye nasekuvikeleni izakhamizi,” kuphetha uSlambert.