NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
BAKHOKHELWE abasebenzi bakuMasipala wase iMpendle imihlomulo yabo yanyanga zonke emva kwezinkinga zokungakhokhlelwe kulandelwa ukungenelela ngoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdaba.
UNgqongqoshe weCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni, lo Masipala wase Mpendle ububhekene nezinselelo zezezimali okugcine kwenza ukuthi abasebenzi bangayitholi imihlomulo yabo ngesikhathi.
Uqhube wathi esitatimendeni, lemihlomulo ezokhokhwa namuhla izofaka lena eyabe iselele ngemuva futhi abakweletwa yona , njengoba bakhona abebegcina bethola imihlomulo engaphelele.
“Le mali abazokhokhelwa yona yemihlomulo izobe ihambisana nekweletwa ukukhokhela isikhwama sezezimpesheni (pension), eyokuphelelwa ngumsebenzi (UIF) kanye neyokukhokhela ezempilo (medical aid).
“UMfu Buthelezi ubethumele ithimba lezimenenja eziphezulu (senior managers), ukuba ziye kulomasipala ngenhloso yokungenelela kulezinkinga ebezibhekene nalo masipala zezimali<’ kusho isitatimende.
Siqhuba sithi lo mhlangano obuhanjelwe izimenenja eziphezulu uphume nezixazululo sezimali ebesibhekene nalomasipala wase Mpendle.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , uhulumeni waKwaZulu-Natal uzibophezele ekutheni bonke omasipala basebenza ngobuqotho futhi omasipala baholwa ngendlela eyiyo.