UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usememezele ukuthi bangu-172 433 abafundi abebefunda ngokugcwele abazobhala izivivinyo zabo zika-matric zokuphela konyaka, bese kuba abangu-18 019 ebebefunda ngokungagcwele nabo abozabhala lezi zivinyo.
Ngokusho kukaHlomuka, i-KwaZulu-Natal yiyona enabafundi abaningi abazobhala izivivinyo zabo zebanga leshumi zokuphela konyaka uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.
“Abazobe beqaphe ukuqhubeka emikilasini okuzobe kubhalelwa kuwona izivivinyo (invigilators) bazobe bengu-6 343, bese kuthi amaseshini ezindlini zokubhalela wona abe ngu-6 710,” kusho uHlomuka, esithangamini nabezindaba eThekwini, ngoLwesithathu.
Kukhona nabazobhalela izivivinyo zabo ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo (emajele), okubalwa abangu-8 abazobhalela eQalakabusha engaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo, abangu-6 Ekuseni engaphansi kwesifunda Amajuba, abangu-25 eWestville ngaphansi kwesifunda sasePinetown (ngokomnyango wezeMfundo), nabangu-17 eSicelangolwazi engaphansi kwesifunda uThukela.
“Isifundazwe iKwaZulu-Natal sizoba nezindawo ezingu-13 zokugcina amaphepha okubhala umatikuletsheni azobe azolandwa kuzoasiwe ezikhungweni ezingu-103.
Nginethemba lokuthi abafundi baku lonyaka u-2024 bazokwenza kahle kakhulu ngoba ukufunda nokufundiswa kuqalwe ngezinga eliphezulu, kanti futhi bekufundwa nangamaholidi ngenhloso yokulekelela abafundi ekwenzeni kahle ezifundweni zabo, futhi baziphase ngamalengiso.
Siyisifundazwe sihlose ukuthola amaphesenti angu-100, kodwa uma kungahambanga kahle kube ngamaphesenti angu-90.
Abafundi bakulo nyaka bami ngomumo ekubhaleni izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Besinamasu okukhuphukela ezingeni eliphezulu lokuphasa kulo nyaka, futhi sakwazi ukusuka emaphesentini angu-86 saya kwangu-90, kubafundi baka-2023,” kuqhuba uHlomuka, ophinde waphonsela inselelo izikole ezathola ngaphansi kwamaphesenti angu-40 ngo-2023 ukuthi zikhuphule amasokisi.
Hlomuka ube eseveza ukuthi konke abebekwenza bebekwenza ngaphansi kohlelo olwaziwa nge-Provincial Academic Improvement Plan (PAIP), olwasungulelwa ukuphucula imiphumela ka-matric esifundazweni.
Waphinda waveza ukuthi bekunohlelo lwesifundazwe, olubizwa ngeProvince Planned Accountability Sessions (PPAS), obekuhloswe ngalo ukwelekelela izikole ezathola ngaphansi kwamaphesenti angu-40 nyakenye emiphumeleni ka-matric, ukuphucula imiphumela yazo.
Uthe lokhu bebekwenza ngokubambisana nezimenenja, izinhloko zeminyango kanye nabaqondisi ezifundeni.
Kunezikhungo ezingu-32 zokumaka okuqashwe kuzo abazomaka abawu-7 614. Abaphethe abamakayo bangu-1 517, amasekela angu-300.
Ukumakwa kwamaphepha kuzoqala mhlaka ngoDisemba 1, kuphothulwe mhlaka ngoDisemba 10, izikhungo zokumaka zivalwe ngoDisemba 18, bese kuthi imiphumela ikhishwe ngoJanuwari 15 ka-2025.