AMAPHOYISA aseNewcastle asenxuse abezitokofela ukuthi baqaphele amaqola njengoba sekuseMome ukuthi bahlukaniselana imali yabo yesitokofela abayisebenzele bayonga unyaka wonke.
Okhulumela amaphoyisa aseNewcastle, uLizzy Arumugam, uthe: “Nisebenze unyaka wonke nibekelela le mali yenu ukuba niyihlukanise ngoba kuphela unyaka ngakho-ke, qikelelani ukuthi niyiphathisa okwezikhali zamaNtungwa, ningakuvumeli ukuba izigebengu zinikhuthuze yona.
“Lesi yisikhathi esinzima lapho abantu bezitokofela beba yizisulu zokukhuthuzwa izimali zabo abazisebenzele unyaka wonke ngenhloso yokudla kamnandi, enye beyibekela ukuphindisela izingane esikoleni ngonyaka ozayo.
Siyazi ukuthi ingxenye yemali yenu nisuke niyibekelele ukuthi nithenge namagilosa bese kuthi esalayo nithenge nemifaniswano yezingane zesikole,” kusho u-Arumugam.
Uqhube wathi nezigebengu zinolwazi ngesikhathi sokuhlukaniswa kwezitokofela, nazo zifuna ukuba noKhisimuzi, kodwa zona zibheke ukukhuthuza abantu zibaqole imali yabo.
“Siyaninxusa ukuthi ningaphathi isamba esikhulu semali kulesi sikhathi. Uma nifuna ukuhlukaniselana imali ebenizibekela yona njengeyesitokofela yifakeni kuma-akhawunti amalunga enu, ningaphathi imali engukheshi.
Qinisekisani ukuthi imali yenu niyibeka ngendlela yokuthi akulula ukuba bayintshontshe. Uma uphethe imali engathi inkulu qinisekisa ukuthi akekho okulandelayo futhi ukuqinisekise ukuthi awuhambi wedwa.
Qinisekisani ukuthi akukho ngisho umuntu oyedwa ozokwazi ukuthi niyohlukanisa imali yesitokofela emakhaya ngoba uma kukhona abaziyo ningagcina senikhuthuzwa khona emakhaya enu.
Khumbulani ukuthi eminyakeni edlule bekuboshwa abangani, omakhelwane namalunga emindeni sebenintshontshole imali yesitokofela.”
Uphethe ngokuthi uma kunemali eyisamba abantu abafisa ukuyigcina emakhaya abaqinisekise ukuthi bayayikhiyela ezisefeni zaziwe yibo kuphela izikhiye njengabanikazi bezisefo ukuthi zihlala kuphi, futhi bakhumbule ukuthi abantu abayingozi ezimalini zabo yilaba abasondelene nabo okuyibona abazotshela izigebengu ukuthi kunemali ekhona.