IMALI yomsolwa wasePakistan oneminyaka ewu-68, ewu-R180 000 , yamadola aseMelika (R180 000 US Dollars), idliwe nguMbuso yafakwa ngaphansi kweCriminal Asset Recovery Account , ngoLwesihlanu mahlaka 28 June 2024. Kuvelile ukuthi isinqumo sokuthi lemali ibuyele kuMbuso sithathwe ngoMarch walonyaka. Okhulumela amaHAWKS esifundazweni uLt-Col Simphiwe Mhlongo uthe esitatimendeni imali ewu-R180 000 , ifakwe kule akhawunti esibalulwe ngenhla. Uthe mhlaka 25 October 2023, amaHAWKS , Forfeiture Investigation besebinzisana ne-National Prosecution Authority Asserts Forfeiture Unit bashaqa amadola aseMelika awuR180 000 ( 3 285 511,63) kumsolwa ongowokudabuka ePakistan, u-Idris Abdul Aziz oneminyaka ewu-68, esikhumulweni sezindiza i-King Shaka International Airport emva kokuba , kokuba ehlulekile ukuyidalula kwi-South African revenue nakuCustoms khona e-King Shaka. Uthe u-Aziz wayezogibela indiza eyabe ilibangise ezweni laseDubai. “ AmaHAWKS kanye neDurban Serious Commercial Crime Investigation babizwa ukuba beze kulesikhumulo sezindiza, ngenkathi u-Aziz wayethweswe icala lokuphula umthetho we- Currency and Exchanges Act, wabe eseboshwa khona lapho,” esho. Uqhube wathi lemali wabe eyithukuse emzimbeni wakhe ngenkathi eboshwa. Uthi wavela eNkantolo yaseVerulam mhlaka 5 october 2023, wabe esededelwa ngebheyili yemali ewu-R15 000.00. Uphethe ngokuthi u-Aziz uzovela eNkantolo yaseVerulam mhlaka 31 july 2024, kumhlangano wecala owandulela ukuqulwa kwalo (pre-trial conference). Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...