IQEMBU labadlali baseMzinyathi eliyodlala kumaSalga Games, eThekwini Isithombe: SITHUNYELWE
UMEYA woMasipala wesiFunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, uthi unethemba lokuthi iqembu elizomela uMzinyathi kumaKZN Salga Games lizobuya nezindondo zegolide kule midlalo yesifundazwe ezobanjelwa eThekwini ngempelasonto.
Iqembu laseMzinyathi lizobe liyingxenye yamaqembu azobe emele omasipala bezifunda ezingu-11 zaseKZN azobe eqhudelana emidlalweni eyahlukahlukene engu-13, kwengu-16 okuzobe kuqhudelwana ngaphansi kwazo.
UNgubane ukusho lokhu ngenkathi esehhotela, iKhanyisa, eDundee, ngoLwesithathu lapho abehambisana khona neMeya yoMasipala waseNdumeni, uMnuz Mcebo Mkhize, bezovalelisa iqembu elizomela lesi sifunda kuma-Salga Games.
Le midlalo yaminyaka yonke yama-Salga izobanjelwa ezinkundleni ezahlukene, eThekwini kusukela ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
“Nginethemba lokuthi laba abayosimela kule midlalo bazobuya nezindondo zegolide nezinkomishi ngoba bakukhombisile ukuthi banawo amakhono emidlalweni abayenzayo, okubalwa kuyo ibhola likanobhutshuzwayo neminye,” kusho uNgubane, okubalulile ukubaluleka kwale midlalo eqala ngokuthi kuqhudelane ama-wadi bese kuhlungwa abazomela omasipala bezindawo ezahlukene.
“Nginifisela uhambo oluhle nenhlanhla ngoba nanyakenye nasimela kahle njengomasipala wesiFunda, lapho salala khona isibili kule midlalo. Namanje nginethemba lokuthi sizokwenza kahle kakhulu. Siyaziqhenya ngani senzeni sijabule uma senibuya nezindondo nezinkomishi,” kuphetha uNgubane.
Isifunda saseMzinyathi senza kahle kule midlalo yama-Salga ngonyaka odlule silala isibili ngezindondo ezingu-16 zegolide, ngemuva kweTheku eladla umhlanganiso ngokuqoqa izindondo ezingu-41 zegolide, isithathu kwaba yiKing Cetshwayo ngezindondo ezingu-15.