UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uhlele ukhukhulela ngoqo womkhuleko wamabandla ahlukahlukene lapho kuzobe kukhulekelwa khona ukhetho olunokuthula, olukhululekile kanye noluzobe lungachemile. Njengoba sekusele izinsuku eziwu-20 , kuyiwe okhethweni lwezifundazwe kanye nolukazwelonke ungqongqoshe Sithole-Moloi, uthe ngoba kuwukhetho lwesi-7 , kulibe kwabakhona intando yeningi bahlose ukulekelela inhlangano yezokhetho-Independent Electoral Commission (IEC), ngokukhulekela ukhetho olukhululekile. Uqhube wathi lolu hlelo lobe lufaka khona izinhlaka eziningi ukuze lube ngolukhululekile nolungachemile. “ Lolu hlelo luzobe luhanjelwe amabandla ahlukahlukene nayilapho abafundisi bawo lamabandla bazobe beshiyelana khona inkundla, okuzobe kukhona abaholi bendabuko, abaholi bezinhlaka ezizimele , abezokuphepa , asebedlale indima enkulu ekuletheni uzinzo esifundazweni, ngesikhathi kuba nezinketho ezahlukene. Uqhube wathi ngoba ukhetho selusemome lomkhuleko uzoqinisekisa ukuthi kuba khona ubumbano, ukuthula kuphinde kube khona nokubekezelelana esifundazweni. Kumenywa abezindaba ukuba babe yingxenye yalokhukhulela ngoqo womkhuleko ohlelwe kanje.
Usuku: 10 may 2024
Indawo: Open space next to Stratford Clinic, Madadeni Township Ext 7
Isikhathi: 10 ekuseni.