UNATHAN Ferriera oneminyaka ewu-34 , ugwetshwe iminyaka ewu-20 emva kokuba elahlwe icala lokubamba inkunzi ngendluzula. Kuvelile ukuthi lesigilamkhuba uFerriera wabamba inkunzi ngonyaka u-2022 eDundee ngendluzula. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Mkhwanazi uthe onke lamacala waqwenza endaweni yaseDundee. Uqhube wathi wenza amacala awu-3 okubamba inkunzi ngenzudlula wabe eseboshwa maduzane, kwathi icala lakhe lanikezelwa kumphenyi uConst Bhengu, owamthola nawo umese lona ayesabisa ngawo abantu uma ebamba inkunzi. Lesigilamkhuba sibe sesilahlwa yiwo onke lamacala esawenza sabe sesigwetshwa iminyaka ewu-20 sibhadla ejele.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...