I-HOLLYWOOD Foundation ibambisane ne-South African National Taxi Council (SANTACO), baphume umkhankaso wokuyonikelela ngomfaniswano eKhulangolwazi Special School, beqhuba umkhankaso obizwa nge-Back to School. Kuvelile ukuthi lesikole i-Khulangolwazi Special School, igcina abantwana abaneminyaka esukela kwewu-5 kuya kwewu-18, abangakwazi ukufunda kahle ngenhla yezimo zempilo ezahlukene. Kuphinde kwavela ukuthi abanye balaba bantwana bathatha kancane emqondweni ngenxa yokuhlaselwa isifo esibizwa nge-autism kanti futhi badinga ukunakelelwa okukhulu ngoba bebhekene nezinselelo eziningi uma bekhula, ngoba bafuna nokunakellelwa okusezingeni eliphezulu. UNksz Vuyisile Ngobese weHollywood Foundation uthe lesikole sibhekene nezinselelo ezifana nokushoda kwezimali, ezokuthutha kanye nokunye okuningi. Kuphinde kwavela ukuthi Hollywood Foundation kanye ne-SANTACO , bazovakashela lesikole i-Khulangolwazi Special School , ngenhloso yokuyobahambisela izidingo ezibalulekile ukuze kulekelelwe othisha kanye nabafundi. Izinhlelo zokuyofaka isandla kulesikole zimi kanje:
Usuku:Tuesday, 09 April 2024
Isikhathi: 10:00 for 10:30
Indawo: Khulangolwazi Special School, 32 Streatham Crescent, Montclair, Durban