AHLEHLELE isonto elizayo lika-Okthoba 23 amacala amathathu okubulala abhekene nomlisa oneminyaka engu-30 obevele eNkantolo KaMantshi yaseNquthu, ngoMsombuluko.
Ngokusho kokhulumela oKlebe esifundazweni saKwaZulu-Natal, uLt-Col Simphiwe Mhlongo, uLindokuhle Ngubane waboshwa ngamaphoyia ophiko lweDirectorate for Priority Crime Investigation (Hawks), oKlebe, aweNewcastle Public Order Police nawoMzinyathi District Crime Intelligence, eboshelwa amacala amathathu okubulala, ngo-Okthoba 7 kulo nyaka.
“Lezi zinhlaka ezilwa nobugebengu zalunywa indlebe ukuthi uNgubane obefunwa uthuli ngamaphoyisa usendaweni yaseHholwane , eMsinga, abe esegasela khona ngoba ayemfuna phansi phezulu ngamacala amathathu okubulala awenza KwaNqulu, eNquthu ngo-Okthoba 2023,” kusho uLt-Col Mhlongo.
“Ngenkathi lezi zinhlaka zigasela kule ndawo zabe sezisesha uNgubane, watholakala nesibhamu sohlobo lwe-9mm pistol esingenazinhlamvu mhlaka-7 Okthoba 2024, wabe eseyaboshwa, eboshelwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye namathathu okubulala.
Ube esevela kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMsinga ,wagcinwa esitokisini. Uphinde wavela ngoMsombuluko mhlaka-14 Okthoba icala lakhe labe selihlehliselwa u-Okthoba 23 2024. Isibhamu esitholakale kuNgubane sizohanjiswa siyohlonzwa ukuthi asiyamaniswa yini nezinye izenzo zobugebengu.”
OyiNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMaj-Gen Lesetja Senona, ubonge kakhulu abalolu phiko ngokubopha lo msolwa nokushaqa isibhamu esingekho emthethweni ebesingagcina sithatha izimpilo zabanye abantu abangenacala.