UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal, ufisa ukuqinisekisa ukuthi ziwu-20 izikole ezikhahlamezwe izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho kusukela kuleliviki. Okhulmela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi uthe bewumnyango bafisa ukuqinisekisa ukuthi kusahlonzwe izikole eziwu-20, ezikhahlanyezwe zimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho, zashiya ezinye zingenaphahla. Ukuvezile ukuthi isikole esikhahlamezekile kakhulu Isithayithi Combined, lokho okwenze ukuthi basuse abafundi bebanga likagrade-10,11 kanye no-12 , ngoba lenhlekelele yenzeke besabhala izivivinyo zaphakathi nonyaka. Uphinde wakuveza ukuthi laba bafundi balamabanga asebalulwe ngenhla bathuthelwe e-Anton Lembede, lapho bezoqhubeka khona nezivivinyo zabo. “ Okwamanje sisahlela ukuhambisa amakilasi angomahamba nendlwano awu-56, ngokulandela lesibalo esisitholile kuleziFunda ezikhahlamezekile ngenkathi kuhlasela inkanyamba,” esho. Uqhube wathi bayaqhubeka nokuxhumana nezifunda ukuze bazi ngokuqhubekayo.
Isikole samabanga aphansi Ingwe zizidlele amahlanga emculweni wamakwaya, eNewcastle
NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki...