KUSHONE umuntu oyedwa kwalimala abathathu beshaywa yizulu endaweni yaseTownview ngaphansi koMasipala i-Mooi-Mpofana, eMooi River, ngenkathi kuhlasela imvula nesiphepho esinamandla ngoMsombuluko.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke emndenini wakwaMkhize, eTownview, ku-Wadi 5, ngaphansi koMasipala i-Mooi-Mpofana, esiFundeni uMgungundlovu, lapho kudlule khona emhlabeni owesilisa oneminyaka engu-37, ohlonzwe njengoMnuz Sifisio James Mkhize, ngoMsombuluko ngezithuba zo-2 ntambama, kwalimala amanye amalungu amathathu alo mndeni.
Ngokusho kukaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, esitatimendeni, kwabalimele okukhona kubo nosana, bayelashwa esibhedlela esiseduzane.
“Sengijube amathimba ezezinhlekelele ukuba bayokwelekelela kule ndawo okwenzeke kuyo lesi sigameko. Kumanje amathimba ezezinhlekelele akulo masipala waseMgungundlovu lapho kukhahlamezeke khona ama-wadi angu-10 ngenkathi kuhlasela lezi zimvula ezinamandla ngeSonto ebusuku ezishiye abantu dengwane.”
Lesi sehlo senzeka nje akukapholi maseko uMnyango wezoBusana ngokuBambisana esifundazweni ukhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esibi obekulindeleke ukuba sihlasele ezifundeni ezahlukene, okubalwa kuzona iTheku, uThukela, uMzinyathi, uMgungundlovu, iHarry Gwala, Ugu neLembe.