INHLANGANO yezokugembula i-Holllywoodbets ibambisane ne-Mzansi Skills Developpment Academy , bathuthukisa intsha esemanzingeni aphansi, kwezemidlalo. Lezinhlangano zifisa ukuthi kulonyaka ophezulu zithuthukise ezemidlalo ngokubambisana, ngokulekelela ngemifaniswano yezinto zokudlala. Kuvelile ukuthi lenhlangano esibalulwe ngenhla yokuthi ixhase amaqembu ayisikhombisa e-Soweto, eGoli,, ngamajezi nokunye kokudlala. Lokhu kuyizinhlelo zokuthuthukisa umphakathi njengoba nabo besebenza emiphakathini. “ Sibuyisela emphakathini njengemikhakha wezokugembula,” besho. UMnu Thami Nkosi , weMzansi Skills development uthe , bajabulile kakhulu ngokwesekwa ilenhlangano esibalulwe ngenhla, njengoba bona bevumbulula amakhono. “ Sinobuntu! yingakho sisiza emiphakathini esihweba kuyo. i-Indira Abuquerrque ithe iyajabula ngokusebenzisana nalenhlangano , ukuba bathuthukise izimpiloi zabantu, ukuze kuxoshwe ikati eziko. Ukuzivocavoca kuletha umehluko omkhulu emphakatini futhi kuvumbulula namathalente kanye namakhono, nokuthi nomqondo ukuthale.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...