Caption: ISALE injena imizi kugasela izimvula ezinamandla.Izithombe.ZITHUNYELWE
IZIMVULA ezinamandla ebezihambisana nesiphepho zishiye dengwane iningi labantu eMsinga.
UMeya wesiFunda uMzinyathi uPetros Ngubane usezwakalise ukhathazeka ngezinhlekelele ezidalwa yisimo sezulu ezigadle ziphindelela eMsinga.
“Lokhu kuza emuva kokuba isiphepho esinamandla siphinde sagadla ngoMgqibelo lona esiphuma kuwo kwacekeleka phansi imizi ewu-135 oThulini,Fabeni,Lwezulu naseNgqungqulwini,eMsinga, kade kungakapheli sikhathi esingakanani zigadle eduze noThukela imizi eminingi eseduze noThukela yantanta kumathantala amanzi,” kusho uMeya uNgubane esitatimendeni, eqhuba ethi ngokombiko woPhiko lwakwa-Disaster kuMasipala uMzinyathi kulesi siphepho sayizolo kunemizi ewu-5 esale dengwane kungekho nokokufihla ikhanda, njengoba kuphephuke zonke izindlu egcekeni.
“Abantu abakhahlamezekile babalelwa ku-357, yize lishone elanamhlanje kungakaqedwa ukubheka yonke imizi ekhahlamezekile okungenzeka kusasa lezi zibalo zishintshe,” esho esitatimendeni.
“UMeya uthi lento seyiyathusa ngoba izinhlekelele sezibuya manje namanje eMsinga.
“SiwuMasipala simatasa nokutholela le mindeni usizo olusheshayo ngokubambisana noMasipala waseMsinga sisalinde umnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, sizwe ukuthi ungasilekelela kanjani kule nhlekelele esivelele,” kusho uMeya. Uphethe ngokuthi ngenhlanhla kulesi sigameko sayizolo akekho

