KUNGENKATHI uNgqongqoshe enikezela ngokudla kuzisulu
KUNGALENKATHI uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba Zomdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi , ehambele abakhahlanyezwe zimvula ezinamandla.
KUCEKELEKE phansi imizi ewu-7000, kwasala dengwane izakhamuzi ezibalelwa ku-17 000, izindlu zazo ezicekeleke phansi ngenkathi izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho, kanti lezimvula ziphinde zandlula nemiphefumulo yabantu abawu-12. Kuvelile ukuthiuhulumeni wakulesiFundazwe i-KwaZulu-Natal, umatasa uhambisa izinsiza zokusiza abakhahlanyezwa ilezimvula ngoMsombuluko kanti indawo ekhahlamezeke kakhulu uThongathi. Uthe ezikulaba omasipala besiFunda okuyi- Ilembe, King Cetshwayo, Amajuba, Umzinyathi kanye no-Umkhanyakude. Uthe okwamanje bawu- 12, okuthiwa bandlule emhlabeni ngalemvula ebehimbisana neziphepho. “ Babalelwa ku-1200 abantu abasele benganamakhaya ngenxa yalezimvula nesiphepho kanti izikole ezikhahlamezekile zona ziwu-18. UNgqongqoshe Sithole-Moloi, esitatimendeni uthe abezezinhlekelele bayaqhubeka nokubheka umonakala bese bezonikeza uhulumeni inani lokumoshakala okwenzekile ukuthi kungabalelwa emalini engakanani. Uqhube wathi bengumnyango sebenze isikhungo sesikhashana eMagwaveni khona oThongathi lapho bezohlanganyela khona njengendawo emaphakathi nendawo, ukuze kuhanjiswe usizo. Ukuqinisekisile ukuthi bazoziletha izinsiza kuzo zonke izindawo ezikhahlazamekile. Uqhube wathi zonke izinhlaka zikahulumeni zikhona lapha endaweni yesigameko futhi zisiza ngayo yonke into edingwa izisulu, kanti nomsebenzi wokukhuculula usuqalile. “ Uhulumeni uphakathi nendawo ngoba wamukela izinsiza ezinhlakeni ezizimele kanye nakulezo ezingenzi nzuzo,” esho. Uthe namaphoyisa i-South African Police Services kanye Metro Police ,atshaliwe kulezindawo zenhlekelela ukuzqapha isimo nokuletha ezokuphepha kuzisulu. Uphinde wakuveza ukuthi kukhona namajeneretha alekelelayo ekukhanyiseni, ukuthi abantu bangahlali emnyameni ngalezikhathi zenhlekelele. Uqhube wathi bafisa ukusheshisa ekubuyiseni inqalasizinda kuphinde kukhanye njengokujwayelekile kulezindawo ezinqanyukelwe zintambo zikagesi ngenhla yokuwa kwezihlahla kanye nokuwa kwezigxobo zikagesi imbala, kanti banethemba ukuthi inqalasizinda izolunga maduzane ngoba nezisebenzi zibhizi ziyalungisa. Uthe babonga kakhulu u-Eskom ngeqhaza alibambile ngoba usukhona umehluko awenzile futhi esaqhubeka nokuwenza ukuze kubuye ukukhanya. Uphinde wanxusa umphakatho khahlazamekile ukuba ubabekezelele ngoba konakele kakhulu bazofika nakuwona, ngoba babhekene nezinselele eziningi zokuthi kumele baqale ngokususa imfucuza ngogandaganda ngaphambi kokuba bafinyelele ezindaweni abahlala kuzo ngoba imigwaqo nayo yaguguleka. Uthe okubajabulisa kakhulu ukuthi akuphazamisekisanga ukulethwa kwamanzi emphakathini. Uqhube wathu kunepayipi elimisiwe kulabo abalinyalelwe ngompompi ukuze bathole amanzi ahlanzekile njengasemihleni. Uthe umnyango usuwandise amaCommunity Development Workers (CDW) kanye ne Expanded Public Works Programme (EPWP), ukuze bazokhuculula , basuse nezihlahla eziwele emigwaqeni, kanti mabomnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi babhizi bakhansela izisulu kanti abomnyango i-South African Social Security Agency (SASSA), bona babhizi balungisela labo abalahlekelwe amakhadi ezibonelelo ezahlukene ukuba bathole amasha.” Umnyango wezaseKhaya nawo ukhona ezindaweni zesigameko uzosiza ngezitifiketi zokuzalwa kanye nangomazisi. Uthe uhulumeni unikeza izakhamuzi ukudla kathathu ngosuku kulezindawo abasakhosele kuzo, ezihlelwe nguNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uNksz Nomusa Dube-Ncube. Uthe sebexhumene noMasipala weTheku ukuba ubheke izinhelo obunazo mayelana nokuhlaliswa kwabantu, ukuze kusheshiswe kulethwe noma kuhlinzekwe ngophahla kuzisulu. UNksz Dube Ncube uthe ngokuthi sizama ngawo onke amandla ukuba silethe izixazululo ezisheshayo zokwakhela abantu abasale dengwane izindlu, kanti futhi sisebenzisana kahle kakhulu nalabo abalahlekelwe zihlobo zabo ukuze bazifihle ngesizotha.