NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi usendlulise amazwi enduduzo emva kokuba abantu abathathu abebeduke nendiza betholakale sebeshonile.
Kubikwa ukuthi le ndiza isuke esikhumulweni sezindiza ngeSonto (izolo) sase Virginia, ngezintuba zabo 3 ntambama, yabe isiyaduka njengoba ibingasabonalali kanti ibisiphahlazekile kwandlula abantu abathathu emhlabeni okukhona nomshayeli we ndiza phakathi kwabo.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, le ndiza itholakale isiphahlazekile kanye nabantu abathathu okukhona kubo nomshayeli wayo.
Uphethe ngokwendlulisa amazwi enduduzo kubangani, izihlobo kanye nasemndenini wabalahlekelwe ngamalunga omndeni