INSANGU etholakale kuboshwa abasolwa.Isithombe.SITHUNYELWE
KUBOSHWE abasolwa abayishumi nane emva kokuba amaphoyisa evumbulule insimu yensangu,eSpringfield,eBabanango ngoLwesithathu ekuseni.
Kubikwa ukuthi lensangu etholakale kulendawo ingabiza izinkulungwane eziningana zamarandi.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uCaptain Ntathu Ndlovu uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa abayishumi nane emva kokuba amaphoyisa oPhiko lwe SAPS Zululand Distric, Vryheid , uLundi K 9 Units, Vryheid Search and Rescue, Home Affairs Imigration Officers, Zone 3 Task team kanye no uLundi Local Municipality Crime Prevention.
Uthe esitatimendeni, lamathimba ehlukene abelandela ezobunhloli ngenkathi ethola insimu yensangu engamahektha amahlanu, ebeyenziwa ngazathi kutshalwe amavegitebula (vegetables), kanti kutshalwe insangu.
Uqhube wathi esitatimendeni, kwabobashiwe abayishumi badabuka emazweni angomakhelwane bese kuthi abane abalapha eMzansi Afrika.
Uthe esitatimendeni, ngenkathi beboshwa kutholakale nezicucu zpmfaniswano wamasosha (Pieces of South African National Defence Force uniform) okunye kanye nensangu esilungisiwe (processed cannabis).
“Laba basolwa ababoshiwe baneminyaka esukela kwengu-19 kuya kwengu-40 kanti kulindeleke ukuba bavele eNkantolo kaMantshi waseBabanango bebhekene necala lokutholakala nensangu kanye nomfaniswano wamasosha.