ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa. Isithombe.SITHUNYELWE
KUBOSHWE abasolwa abahlanu abaneminyaka esukela kwengu-29 kuya kwengu-46 emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni, inyama yasesiqiwini kanye nezinhlamvu ngoLwesithathu, eMnqobokazi, eHluhluwe.
Kubikwa ukuthi laba basolwa baboshwe ngamaphoyisa oPhiko uMkhanyakude District Police Task Team Unit , emva kokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni , izinhlamvu kanye nenyama yasesiqiwini (game meat).
Okhulumela amaphoyisa uSergeant Nkosingiphile Mdladla uthe esitatimendeni, laba abahlanu baboshelwe amacala okuzingela ngokungekho emthethweni, ukutholakala nezibhamu kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukubulala izilwane kanye nokutholakala nenyama yezilwane zasesiqiwini.
Uthe esitatimendeni , ngenkathi amaphoyisa esesha imizi ethize abophe abesilisa abane kanye nowesifazane emva kokuba betholakale nesibhamu sohlobo lwe shotgun kanye nezinhlamvu.
Uqhube wathi esitatimendeni, kuphinde kwatholakala ezinye izibhamu ezintathu okukhona kuzo esokuzikhandela,” esho esitatimendeni.
“Amaphoyisa aphinde athola isiqandisi (fridge), ebesigcwele inyama yasesiqiwini, umshini wokushisela (welding machine), kanye negrayinda (grinder),”kusho yena esitatimendeni.
Laba basolwa kubikwa ukuthi bavelile eNkantolo kaMantshi waseMtubatuba ngoLwesine (namuhla).
“ UKhomishana wamaphoyisa wesiFunda uMkhanyakude uBrigadier Jeros Thango , ubonge amaphoyisa ngokubopha lemigulukudu,: kusho uMdladla esitatimendeni.