IMPAHLA etholakale kuboshwa abasolwa. Isithombe.SAPS
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka engu-30 ebebebambe inkunzi kuhlonyiwe esitolo i-Exact , eDundee.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa abikelwa ukuthi kunabasolwa abayisikhombisa abebebamba inkunzi behlomile ngezibhamu e-Exact Store, e-Dundee.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa ababili kwatholakala nempahla yokwebiwa.
Uthe esitatimendeni, kwangena abasolwa abayisikhombisa esitolo i-Exact , e-Dundee, ngoMgqibelo, bafike bakhomba abasebenzi ngezibhamu base bebayalela ukuthi mababanike omakhalekhukhwini kanye nemali.
“Kwathathwa inqwaba yempahla yokugqoka, omakhalekhukhwini kanye nesamba semali engadalulwanga,” esho.
Uqhube wathi esitatimendeni, amaphoyisa oPhiko lwe uMzinyathi District Task Team,i-Glencoe K9 Unit, uMzinyathi District Crime Intelligence, i-District Communication, Dundee SAPS Rural Safety kanye nenkampani yonogada i-E2 security , bakwazile ukulandela umkhondo wemoto abasolwa ababaleka ngayo emva kwesigameko sokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
“ Lezi zinhlaka ezahlukene zamaphoyisa kanye nenkampani yonogada babe sebejaha le moto yabasolwa,” kusho yena, esitatimendeni.
Uthe eitatimendeni, abasolwa ababili abaneminyaka engu-30 baboshwa Ekuvukeni kwashaqwa omakhalekhukhwini abangu-30 kanye nezimpahla zokugqoka zakulesitolo i-Exact.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, abasolwa ababili bazovela eNkantolo kaMantshi wase Dundee bebhekene necala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nokutholakala nempahla eduniwe esitolo.