KUNGENKATHI bekuqwashiswa ngokunakelelwa isikhumba. Izithombe.ZITHUNYELWE
KUFUNDISWE ukunakelelwa kwesikhumba kulaba abaphila nebala elimhlophe emcimbini obubanjelwe esibhedlela saseMadadeni, eNewcastle, eNyakatho, neKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu (esisuka kulo).
Lokuqwashiswa ngokunakelelwa kwesikhumba kwabaphila nebala elimhlophe kwenzeka nje njengoba kusaqhubeka kubungazwa usuku lwabaphila nebala elimhlophe emhlabeni wonke (International Albinism Awareness Day), okuhloswe ngakho ukuqwashisa abantu ukuthi abantu abanebala , nabo bangabantu futhi banegazi elifanayo nelabangenalo ibala.
UDokotela Mthembu obeqwashisa ngokunakelelwa kwesikhumba kwabanebala elimhlophe uphinde wakugcizelela ukuthi uyaluseka lolu suku lokuqwashisa abantu, ngabantu abaphila nebala ukuthi bangacwaswa.
Uthe esitatimendeni, kumele abantu abaphila nebala elimhlophe bakwazi ukuthi izinsiza zokubasiza zikhona esibhedlela, kumele beze khona.
“Ukhona udokotela wamehlo kanye nodokotela wesikhumba njengoba iningi labaphila nebala bavamise ukuba nenkinga yesikhumba kanye nenkinga yamehlo,” esho.
Kuphinde kwavela ukuthi nodokotela wamehlo uphinde wafundisa abantu abanebala ukuthi kumele benze njani, uma benenkinga yamehlo.
Uphinde wakuqinisekisa ukuthi okufanele bakwenze abaphila nebala elimhlophe ukunakelela izimpilo zabo futhi basheshe basukume uma bebhekene nezinkinga ukuze basizakale masishane.
USihlalo wabaphila nebala elimhlophe eMajuba uMnuz Simanga Kunene ukhuthaze abantu abanebala elimhlophe ukuthi bazithande bazivikele elangeni , waphinda wabaxwayisa ngabelaphi bendabuko ukuthi kufanele bababone kanjani ukuthi basemthethweni noma cha.
Uthe umelaphi wendabuko uba nesitifiketi esimgunyazayo ukuthi alaphe abantu, futhi kumele abhalise enhlanganweni ebhekelele abelaphi bendabuko.
Uqhube wathi abantu abanebala elimhlophe baqala ukuhlangana ngonyaka u-2010 , njengoba yiloyo naloyo wayedonsa ebheka lena, phambilini kodwa manje sebenenhlangano yabo lapho bebika izinkinga ababhekana nazo.
Uphinde wanxusa abantu abanebala elimhlophe ukuba bazimbandakanye noma bajoyise inhlangano yabo.
