UKUBA khona kwenu ngobuningi benu kangaka Zulu kulomkhosi wokukhumbula umbumbi
wesizwe sika Zulu, uNodumehlezi kaMenzi kufakazela ubuhlakani nesibindi seSilo esibusayo,
Indlulamithi yamaKhosi ngokungasusi izikhonkwane ezabekwa amakhosi angaphambili
zokuthi njalo ngomhlaka 24 September isizwe sika Phunga noMageba siyohlangana lapha
KwaDukuza ukuzokhumbula ubuqhawe beLembe.”Eminyakeni engamashumi ayisikhombisa edlule ngo September 1954, kulapho iSilo sakwaKhetha uBhusha sembula khona itshe edlinzeni leLembe nokuyilapho uBhusha aqoke khona uMntwana waKwaPhindangene njengoNdunankulu kaZulu,” uNgqongqoshe ophinde abe nguNdunankulu kaZulu,uMfu Thulasizwe ButheleziIi.
“Kuyisibopho engisemukela ngentokozo ukuba ngethule oNgangezwe ngaphambi kokuthi abeke
amazwi osuku kulomkhosi ngenjongo yokuvuselela ubuqhawe nokuzethemba kithi
njengesizwe esinomlando ojule kangaka” .Zulu eliphezulu sizokwethekela inhlonipho nokwazisa abanye okuyinkambiso nesisekelo sosiko mpilo yaKwazulu.Siyambonga uNkulunkulu siyamdumisa asiphezi Hlanga lwamakhosi ukuba iSilo sigubhe usuku lokuzalwa size sifinyelele eminyakeni ewu-50,. “Kuyisibusiso kithi Ngonyama njengabantu beNgonyama. Sithi unwele olude Mnguni omnyama. Khula Ngonyama ubengangezintaba zoNdi noKhahlamba.Siyakubongela Mbube yoMhlaba ukuthi ube nohulumeni onguloluhlobo oluholwa uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli ngengoNdunankulu wakho Silo kuhulumeni. Selokhu engenile uMphemba siyawubona umehluko omuhle ngendlela isigaba nesithunzi sesiHlalo okusingethwe ngayo.Uma kungaba khona umuntu ongama endleleni yakho Silo kulesisikhathi samanje angabashonisaphi abantu abangaka, angasishonisaphi thina?
Nalabo abalokhu bephupha bezibiza ngesikhundla abanga lokothelwanga sona kumele
kubakhanyele manje ukuthi uZulu akusiyo into yokudlala. Nalabo abaconsela izwe laKwaZulu
ngokusebenzisa ibhodi leNgonyama Trust elingahloniphi nelingazi nokuthi Isilo singubani –
siyeza isikhathi maduze lapho uZulu ezoveza ukungathokozi kwakhe ngokuhlonishwa kweSILO.
Ngethula kini Zulu umzukulu wamakhosi ohlezi esihlalweni seLembe nohola isizwe ngesibindi
nombono obanzi ngekusasa likaZulu. Ngethula kini Zulu omnyama ondlela zimhlophe
iNdlulamithi yamaKhosi ehlezi esihlalweni sika Mamonga noMqwalajuba. Ngethula kini Zulu
iNkosi yenu enenhliziyo emnene nethanda ukuthula nokuhlalisana okuhle.Ngethula kini Zulu iNgonyama yesizwe saKwazulu ethwele emahlombe ase onke amathemba azophilisa lesisizwe ukuze izizukulwane nezizikulwane eziyolandela zihlomule ifa lezweelafelwa oyisemkhulu eSandlwana.
Ngethula kini uNomthebe wethu owalokothwa ngabanikazi besihlalo ukuthi asibuse
ngokuthatha isihlangu sikaYise uMdlokombane vuka ume ngezintaba vuka udle amadoda.
Phakama Mnguni omnyama uhlome esakho isihlangu ukuze usinqobele izitha zethu zibe
ngaphansi konyawo lwakho Mbube yomhlaba. Phakama Zulu eliphezulu ukhulume inhliziyo
yakho Ngonyama kulesisizwe sikaMamonga woSuthu!