KWESINGENHLA nguMnuz Mandlakayise ‘Qinisumzimba Moses Ndlovu, uNksz Thembi Ndlovu, uMnu Dumsane Ndlovu kanye noNksz Mamsi Ndlovu. Kwesinye umndeni wakwaNdlovu obuhambele lomhlangano obe yimpumelelo
KUNXUSWE abesibongo sakwaNdlovu ngokubaluleka kokwazi ngemvelaphi yabo ngenkathi kunomhlangano wabakulesi sibongo okokuqala ozalweni lukaMnuz Exodus Mshiyeni Ndlovu obubanjelwe ku-8600 Kgotso Street, Unit F, eThokoza, eGoli, ngempelasonto.
UMnuz Dumisani Ndlovu okunguyena obehlele lo mhlangano wabesibongo sakwaNdlovu uthe inhloso yalo mhlangano bekuwukwazana kabanzi ngoba sekukhona isizukulwane sesizukulwane sika-Exodus Ndlovu futhi iningi laso lingagcina selishadana noma lilimazane ngenxa yokungazani.
“Sasingabafana abayisikhombisa kubaba, nentombazane eyodwa kodwa abafowethu sebashona bonke kwasala izingane zabo namakhosikazi amane abanye babafowethu,” kusho uNdlovu.
“Manje isizukulwane sesizukulwane asazani yingakho ngikubone kubalulekile ukuba sihlangane sazane njengoba sekwasala mina nodadewethu, uNksz Thembi Ndlovu kuphela esiswini sikamama namakhosikazi amane abafowethu nezingane zabo, nazo izingane zabafowethu esezaba nabazukulu.
Ngifisa ukuthi isizwe esiphilayo sakwaNdlovu sifundiswe ukuba yisizwe esiphilayo nesimesabayo uNkulunkulu. Esizukulwaneni sethu kubekhona uNkulunkulu angabapha amandla basungule amabhizinisi abo ngesibongo sakwaNdlangamandla, oGatsheni. Isizwe noma umndeni ngamunye uyaye udinge abantu abadala abazowakhe ukuze ungalahlekelwa usikompilo.”
UNdlovu uqhube ngokucaphuna amavesi encwadini yeZaga, ebhayibhelini, aqhakambisa ukubaluleka kokukhuliswa kwabantwana ngendlela efanele.
“Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe okuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo, Izaga 22 vesi 6. Kanti incwadi yeZaga 16 vesi 31 yona ithi: ‘Ubumpunga buwumqhele wodumo, bufumaniswa endleleni yokulunga.’ Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.
Siyaqala ukuhlangana isizwe sakwaNdlovu, kodwa sona sidabuka endaweni yase-Utrecht obaba base beyokwakha endaweni yaseMbabane, eDannhauser, lapho sakhulela khona sasabalala ngoba kukhona nabanye abafuduka bayokwakha imizi yobaba endaweni yaseGoli nakwezinye.
“Ngisele nanobabomncane uMnu Mandlakayise ‘Ginisumzimba’ Moses Ndlovu, okunguyena osakwazi ukuseluleka futhi asilandise ngomlando wakwaNdlovu,” kuphetha uNdlovu, othe lo mhlangano obuhanjelwe ngabantu abangu-70 besibongo sakwaNdlovu ube yimpumelelo nanethemba lokuthi uma bephinda behlangana bazobe sebebaningi kunalokhu.