NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uMfu Buthelezi ekhipha isixwayiso ngezimvula
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal usukhiphe isexwayiso sezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu nomoya onamandla.
“Kusukela ngeSonto esiphuma kulo i-KwaZulu-Natal ibihlaselwe yizimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu nombani, umoya onamandla kanye nesichotho. Omasipala abazokhahlamezeka kulokhu kuhlasela kwezimvula ezinamandla, kubalwa uMsunduzi, Mooi-Mpofana, Newcastle, uKhahlamba, neTheku,” kusho uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
Uqhube wathi selokhu ziqalile lezi mvula ezinamandla sezicekele phansi izikole ezingu-28, zacekela phansi ingqalasizinda eyibhuloho eliku-N2 eZimbokodweni, okubangele ukuthi umgwaqo uvalwe, izimoto zihambe ngeminye imigwaqo.
Uphinde waveza ukuthi komasipala abasahlonzwe njengabakhahlamezekile, kubalwa i-Theku, Amajuba, uMgungundlovu noThukela, kwakhahlamezeka abantu abangu-458, emva kokuba lezi zimvula ezinamandla zicekele phansi izindlu ezingu-13 kwezingu-90 ezithintekile.
Azisalanga ngaphandle izikhungo zezempilo njengoba nazo zicekeleke phansi, okubalwa kuzo isibhedlela esisefundeni saseMgungundlovu, i-Harry Gwala Regional Hospital, iNtabamhlophe Clinic esesifundeni sasoThukela, neMcCord Provincial Hospital esesifundeni saseThekwini.
“Okubuhlungu nokudabukisayo wukuthi kukhona uSifiso James Mkhize yena oseshonile ngenxa yokushaywa umbani, kwalimala amalunga amathathu omndeni wakhe, eTownview, eMooi River. Nokho, amathimba ezezinhlekelele amatasa abheka umonakalo odalwe yilezi zimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu nomoya,” kuqhuba uButhelezi.
Uphethe ngokuthi izinhlaka zikahulumeni okubalwa kuzo ihhovisi lezibonelelo zikahulumeni, iSouth Social Security Agency (SASSA), nabezenhlalakahle bamatasa basiza izisulu zezimvula ezinamandla, zilekelelwa kubanjiswane nezinhlangano ezingenzi nzuzo neminye iminyango kahulumeni.