I-HOLLYWOOD Foundation kanye ne-Nomzamo Lighthouse Foundation bamemezele abesifazane abenzakahle kwezamabhizinisi kulonyaka ezikuwo baphinde babaklomelisa ngemali. Laba besifazane abasemabhizinisini bamenyezelwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “2023 #Empowering HER Women in Business Awards.”
Kuvelile ukuthi loluhlelo i-The Hollywood Foundation ibambisane ne-Nomzamo Mbatha Lighthouse Foundation iholwa inqalabutho kwezokulingisa uNksz Nomzamo Mbatha, ojabule kakhulu ukuba ambule aphinde aklomelise abesifazane ngaphansi kohlelo u-2023# EmpoweringHER Women in Business Awards. Kuvelile ukuthi uNksz Nomzama ujabule kakhulu ngaloluhlelo ukuba embule loluhlelo olubaluleke ngangaka olugqakambisa abesifazane abenza kahle kwezamabhizinisi.
Uqhube wathi loluhlelo belubekelwe imali elinganiselwa ku-R1.5 million, ngenkathi kugujwa inyanga yabesiFazane (Women’s Month), futhi athi lube yimpumelelo enkulu ngoba izinhloso zalo zithele izithelo, ngoba bakwazile ukuthola abasifazane abazimisele emsebenzini wabo wouphatha kanye nokuthuthukisa amabhizinisi abo lapha e-South Africa. “ Zombili lezinhlaka zikhombise okukhulu ukuzibophezela ekukhuliseni ukuzethemba kubantu besifazane abasemabhizinisini baphinde babagqugquzele ukuba baqhubekele phambili nomsenbenzi wabo omuhle wokuthuthukisa amabhizinisi abo.
Uthe loluhlelo lokuhlunga nokubheka abenza kahle kwezamabhizinisi baluqale ekuqaleni kwenyanga u-August. Uqhube wathi inyanga esibalulwe ngenhla ibakhathazile futhi ibe ngenzima kakhulu ngoba bebebhizi behlunga wonke amabhizinisi abantu abaningi besimame bezokwazi nokuphuma nesinqumo noma bathole enza kahle kakhulu kunamanye. Uthe lokuhlungwa kwenziwa e-Langhams Lifestyle Experience in Johannesburg, lapho abangu-10 abesifazane amabhizinisi abo enza kahle ayekhona kodwa kwakufuneka baphinde bahlunge ukuze kutholakale amathathu abashaya emakhanda. Lomsebenzi omkhulu kangaka wawuqhutshwa ngumhleli wemicimbi, oyisikhulumi, umbhali uNksz, Ayanda Borotho, owayephinde amelele ukuthi abantu besifazane babonakale ukuthi banawo amava namakhono kwezamabhizinisi emhlabeni. Lomcimbi wawufaka phakathi uNksz Nomzamo Mbatha, ongumsunguli we-Nomzamo Lighthouse Foundation kanye Nksz Babongile Mkhize, oyi-Group Transformation Manager at the Hollywood Foundation.
Izihambeli zajabuliswa ngolozolo lomculo Ami Faku, Mawhoo, Sir Vincent, and DJ Loyd. “ Izihambeli kanye nabesifazane asebemkantshubovu kwezamabhizinisi, kwezomthetho, nakwandaba zabantu, begqugquzela abesifazane kwezamabhizinisi, bekhuluma ngezihloko ezahlukene. UNkk Phumzile Ntulu oyilunga le-Qalekhaya Primary Cooperative yaseShowe KwaZulu-Natal, ubejabulile ngenkathi inhlangano ayilunga layo idla umhlanganiso, enhlanganweni yabo eyenza amafanisha. UBabongile Mkhize, oyi-Group Transformation Manager eHollywoodbets, uncome kakhulu lenkampani ngokudla umhlanganiso. Uthe bona njenge The Hollywood Foundation kanye ne-Nomzamo Lighthouse Foundation bazohlala bezeibophezele ukuthi amabhizinisi abesifazane ayakhula: Odle umhlanganiso Qalekhaya Primary Cooperative, yathola R200 000, kwaba- Services and Project yase Limpopo ethole-R150 000 kwagcina Imbally (PTY) LTD , yase-Mpumalanga ethole umthoba nhliziyo ka-R100 000