NGUMFU Vusumuzi Kunene, owengamele i-Newcastle Changemakers Council Parliament SA
UMENGAMELI wenhlangano i-Newcastle Religious Changemakers Council Parliament SA, uMfu Vusumuzi Kunene unxenxa wonke amalunga omphakathi ukuthi akhuleke aphinde anxuse kuNkulunkulu ukuba ukhetho lalonyaka lube luhle futhi lungaphazamiseki nhlobo.Ube esenxenxa amaphoyisa kanye nabaholi bonke bezinhlangano ezahlukene ukuba baqaphe isimo iningizimu Africa yonkana ekuthenini kungabibikho udlame olukhona.” Siyacela ukuba siziphathe kahle sonke siyizinhlangano ezahlukene ukuze ukhethe lwethu lwase South Africa luhambe kahle futhi lube enkulu intokozo,” esho. “Amabandla abefundisi bonkana sicela babophe ibhande bahlale emthandazweni sukela namuhla kuya kusasa ukuze uNkulunkulu ezoba nathi e South Africa,” ephetha. Uphethe ngokuthi bafisa kube nokhetho olungachemile futhi olukhululekile.