NGABEBEQHUBA uhlelo lokucobelelana ngolwazi kanye nosomabhizinisi ebebezihambeli,Kwesinye nguNksz Hlobisile Hadebe kanye noNksz Khosi Zwane.Izithombe. LENJEBS MEDIA


KUNXUSWE abafunda ezikhungweni zeMfundo ePhakeme ukuba bathi uma bephuma khona namakhono abasuke bewathole khona , bangaphumi bayofuna umsebenzi kodwa bayavula amathuba omsebenzi.
UMnuz Sifizo Vinkhumbu ovela eMajuba TVET College uthe, abafundi abaphume beyokhanda amathuba omsebenzi , hhayi ukuyofuna umsebenzi , ukusho lokhu ngenkathi bekunomhlangano wokucobelelana ngolwazi phakathi kosomabhizinisi nezinhlaka ezithize okubalwa kuzo i-Small Enterprise Development and Finance Agency (SEDFA), Exxaro ESD, NYDA, IEC, uMasipala waseDannhauser kanye noMasipala wesiFunda Amajuba, obubanjelwe ehholo i-Dannhauser Town hall, ngoLwesibili.
Uqhube wathi i-Majuba inamakhono amaningi futhi abafundi baphuma sebekwazi ukuphuma bayozivulela amabhizinisi abo kanye namathuba omsebenzi.
“ Asigcini ngokusiza abafundi kuphela ngamakhono kodwa namalunga omphakathi ayaluthola uqeqesho kuleyomikhakha abadinga ukukhuliswa noma ukulekelelwa kuyo,” esho.
Uthe kunolwazi olukhona olukhuluma ngokuthi lutholakala kanjani uxhaso abanalo sikhuluma nje.
“Kumele bathi abafundi uma befika kulezikhungo zethu sibashintshe imiqondo yabo kube eyokuvula amathuba emsebenzi hhayi eyokufuna umsbenzi (change mindset),
“ Siyakwazi ukufundisa ngobuchwepheshe besimanje manje (digitization), obulekelela ukuthi osomabhizinisi bakhulise amabhizinisi abo besebenzisa bona ubuchwepheshe,” eqhuba.
Uthe siyakwazi nokuqeqesha osomabhizinisi ukuba bakwazi ukukhulisa amakhasimende abo sisebenzisa ubuchwepheshe besimanje manje.
uMnuz George Mmutle obevela kwa SEDFA yena uthe , siyabaxhasa osomabhizini kodwa sifisa osomabhizinisi bakuqikelele ukuthi bayahlangabezana nazo zonke izidingo uma befuna ukuxhaswa (comply).
Uthe kumele babe ngababhalisile, CIPC, babhalise kwezokukhokhwa kwentela kanye nokunye okumayelana nenqubomgomo yokubhaliswa kwamabhizinisi.
Uthe osomabhizinisi kumele bahlangabezane nemigomo ethize ukuze baxhaseke, njengoba besuke bebhalisile.
Uqhube wathi bonke labo abazoqokwa bazohanjiswa bayoqeqeshwa (master class), bese kuthi abathathu abaphumelele bazizuzele imali engu-R250 000.
Uphethe ngokuthi abazohamba beyoqeqeshwa ePitoli izinsuku eziyisithupha yilabo abazobe beqokiwe ukuba bafake izicelo zoxhaso (pitch).
UMnuz Dumisani Zikalala wakwa SEDFA uthe bayasiza ngezinto eziningi okubalwa ukwenzela abantu amabusiness cards, kanti uxhaso lwabo lusukela ku-R50 000 kwabasezindaweni ezisemakhaya.
Uqhube wathi kwesinye isikhathi kubakhona uhlelo loxhaso oluhambisana nemali ebolekiswayo okhokha kancane kancane uma usuyibuyisa.
“Abantu besifazane bona bathola uxhaso oluningi kunabesilisa,” esho.
Uthe osomabhizinisi siyabathengela izinsiza kusebenza (equipment), kanti uhlelo lokukhiqiza lona luxhasa kuze kufike emalini engu-R15 million.
“ Uma uboleka imali engu-R50 million inzalo kuba ngamaphesenti amahlanu (5%).,esho , eqhuba ethi uhlelo lwabo lwe Retail luxhasa yonke inhlobo yebhizinisi.
Uthe imali mboleko yabo ayinanzalo (zero interest).
UMnuz Mondli Mlangeni ukhale kakhulu wathi osomabhizinisi baseDannhauser abazifaki izicelo zoxhaso kuMasipala wesiFunda Amajuba.
Uqhube wathi ikhona imali yosomabhizinisi abasafufusa (informnal traders), abantu abafake izicelo zoxhaso, waphinde wathi ikhona futhi imali yokukhiqiza (manufacturing) kanti futhi kunemali ebekelwe ezolimo edinga abantu ukuba bafake izicelo.
uMNuz Makhathini obevela kwa IEC uthe babhekene nenselelo enkulu ngoba osomabhizinisi abaningi ababhalisile ngokuphelele okwenza bangahlangabezani nokudingwa umnyango (compliance problem) futhi abanye amabhizinisi abo esesulwa lapho kubhaliswa khona wona.
Uqhube wathi bona bayaluleka ukuthi agcwaliswa kanjani amafomu amathenda, wabe esenxusa abantu ukuba bazimbandakanye ngokubhalisela ukuvota njengoba uma kwenziwa isabelo zimali kubhekwa ukuthi bangaki abantu kuloyomkhandlu.
UMnuz Melusi Lukhele obevela kwa NYDA uthe bona iminyango yabo ivulekile entsheni, intsha mayize nemibona yabo yamabhizinisi bazobalekelela. Ube esephakamisa ababili abalekelelwa ilenhlangano futhi amabhizinisi abo enza kahle kakhulu. Uthe bahlukanisa kabili (two treshholds) , elokuqala elokuqalisa phansi ibhizinisi uma unombono wokulisungula kanti okwesibili ukuxhasa lawo asuke eseseben

