NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi ngenkathi bekunomhlangano nezimeya.
KUNXUSWE izimeya zomasipala baKwaZulu-Natal ukuba ziqinisekise ukuphucula amabhuku ezezimali futhi ziqinisekise ukuthi zithola imibiko engenagcobho kumcwaningi mabhuku kazwelonke.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngenkathi ebize ukhukhulela ngoqo womhlangano wezimeya esifundazweni obuhanjelwe nayizimenenja zomasipala, ababhekelele ukuphathwa kwezimali komasipala, namalunga eSouth African Local Government Association (SALGA) ngaphansi kwesiqubulo esithi “Municipal Inspiring New Hope For A Capable State”.
Lesi siqubulo sihambisana nokuphathwa kohulumeni ihlandla lesikhombisa selokhu kwabakhona uhulumneni wentando yeningi, okuhloswe ngakho ukubheka ukuthi uhulumeni wesifundazwe ume kanjani kwezokuhanjiswa izidingo ezakhamizini. Kulo mhlangano kuvele ukuthi omasipala abaningi babhekene nezingqinamba ekuhanjisweni kwezidingo ngqangi kubantu.
UMfu Buthelezi uthe bonke labo masipala ababhekene nezinselelo zombiko kamncwaningi mabhubhuku onogcobho kumele balekelelwe ukuze bathole umbiko ongenagcobho, baphinde babe nendlela yokuphucula amabhuku abo ezezimali.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thamsanqa Ntuli, obebungaza izinsuku ezingu-100 ethathe izintambo zokuba nguNdunankulu, uthe kulezi zinsuku ezingu-100 bangena kuhulumeni wesifundazwe bazama ngawo wonke amandla abo ukusimamisa umnotho wesifundazwe, ukulwisana nenkohlakalo, ubugebengu nokuvula amathuba emisebenzi.
“Sizibophezele ukuqinisekisa ukuthi omasipala bayazihambisa izidingo kubantu baKwaZulu-Natal. Sifisa ukuthi Amakhosi abe yingxenye yokubusa kohulumeni basemakhaya.
Sike sahlangana nezimeya ngaphansi kohlelo olwaziwa nge-MuniMec, lapho bekuxoxwa khona ngenqubekela phambili nokuthuthukiswa kobuholi basemakhaya. Izakhamizi zinelungelo elikhulu lokuthi zithola zonke izidingo ngqangi ngoba lokho kugunyazwe ngumthetho sisekelo wezwe.
Njengomnyango sizibophezele ekutheni kube nezinhlelo ezikhona okuhloswe ngazo ukuthi kube nomhlahlandlela othi zihanjiswa kanjani izidingo ngqangi ezakhamizini zaKwaZulu-Natal.
Ngikubone kubalulekile ukuthi kuhlanganwe ngesonto eledlule ukuze kuzodingidwa ngokuthi zihanjiswa kanjani izidingo emphakathini. Angizimisele ukubona ngisho owodwa umasipala ozothola umbiko onogcobho kumncwaningi mabhuku kulesi sabelo zimali sika-2424/2025.
Kukhona umasipala owodwa okutholakale ukuthi une-Adverse Audit Finding, kanti singumnyango siyazama ngawo onke amandla ethu ukuba siwulekelele ukuze uthole umbiko ongenagcobho kumncwaningi mabhuku kazwelonke.
Ngikubona kunenselelo kimina njengoNdunankulu wesifundazwe ngoba bambalwa omasipala besifundazwe abathole umbiko ongenagcobho, kanti futhi kubalulekile ukuthi omasipala bawaphucule amabhuku abo ezezimali,” kusho uMnuz Ntuli, oqhube wathi kumele izinqubomgomo ezilawula omasipala kumele zisetshenzise ukuze bathole imibiko engenagcobho.