UNGQONGQOSHE weZabasebenzi, uMnu Thulasi Nxesi, useqoke uKhomishana omusha , onamava, ozoluleka ngokuthi kwenziwa njani ukuze abantu bahole ngokwesilinganiso (minimum wage). Lokhu kulandela kube nokufuna amasu kuxhunyanwa neNational Economic Development and labour Council (NEDLAC). UNgqongqoshe uMnu Nxesi umemezele ukuqashwa koKhomishana wesibili we-National Minimum Wage (NMW) Commission , ozoluleka ngokuthi kbe nemali ebekiwe okumele iholwe ngumsebenzi, oqashiwe noma ngabe kumuphi umkhakha. “ “ “Ukugcotshwa uKhomishana kwagcinwa nokumenyezelwa kukakhomishana we-NMW, kwagcina ngonyaka u-2019, kusaphethe owabe engungqongqoshe Mildred Olifant, ihlandla lakhe eliphele mhlaka 31 January 2024. Okhulumela lomnyango uTeboho Thobejane lona uqashwa emva kokuba kwaphasiswa ipholisi entsha ye-NMW ngo-2019. Uqhube wathi lapholisi yakhishwa ngokuchibiyela entsha okuyi Employment Conditions Commission (ECC), eyabe yakhelwe ukwenza i-Sectorial Determinations (SDs). Oqashelwe kulesikhundla onamava nguSolwazi Imraan Valodia, ozoba ngusihlalo walekhomishini esibalulwe ngenhla. Kupbinde kwavela ukuthi uMnu Valoda ungomunye kwabane yamalunga angu-13 alekhomishana. Kuphinde kwavela ukuthi ungena ezicathulweni zikaSolwazi Adriaaan van der Walt, kanti futhi ukuqoqwa kwakhe kulandelwa imithethomgomo ye-National minimum Wage. Uthe amalunga alekhomishana azohlala kuyo iminyaka emihlanu. “Kuqokwe: Umnu Kaizer Moyane (BUSA), uMnu Jonathan Goldberg (BUSA), Nksz Jahni de Villiers (BUSA), abakwezamabhizini (business representatives), kwaba uMnu Edward Thobejane (NACTU), uMnu Solly Phetoe (COSATU), uMnu Trenton Esley (FEDUSA) kwezemisebenzi (Labour Representatives), uNksz Isabel Frye (Financial Sector Coalision Campaign), uNksz Conti Matlakala (Wome’s national Coalision) uMnu Tumelo Zwane (South African Youth Council) , abemele umphakathi (community representatives), uSolwazi Valoda Wits University, Dr Neva Makgetla waku Trade and Industrial Policy Strategies (TIPS), uNksz mamokete Lijane (Standard bank), bese kuba uMnu Gavin Hartford weStakeholder Soultions , abazimele (independent experts). “Omunye wemisebenzi ababekelwe wona ukubukeza umthetho we-NMW kanye nokuwuchibiyela, ukuphenya kanye nokubikela uNgqongqohse ngezinto noma izimo ezithinta umnotho kanye nobumbano, ukubhekelela inzuzo bese kubikelwa ungqongqoshe, ukubeka isikhathi sokuthi loluhlelo kumele seluphothuliwe ngaso phecelezi national minimum wage ingakapheli iminyaka emihlanu. Ukululeka ungqongqoshe mayelana neSectorial Determinations, ukululeka ungqongqoshe mayela nezimo ezithinta ukusebenza ,. Inhloso ye-NMW Act ukubeka phambili ukukhuliswa komnotho, ukukhulisa amaholo kulabo abahola kancane, ukuvikela abasebenzi abakhokhelwa kancane kungenasidingo, ukugcina isilinganiso semiholo kanye nokuqinisekisa ukuthi kusetshenzwa ngokubambisana kubekwa phambili ipholisi esetafuleni. “Amalunga alekhomishana awaqashiwe ngokugcwele, kokulandela imithethemngomo ebekwe umnyango wezezimali,esho. UVoladia unguSolwazi emkhakheni we-Economics and Director of the Southern centre for Inequality Studies enyavesi yaseWitwatersrand, eJohannesburg, usekhiphe amaphepha amaningi eriseshi, kwi-inequality, climate justice, competition policy and industrial development and employment in developing countries. Uphinde wabamba iqhaza elikhulu ekusungulweni i-Wits University’s Southern centre for Inequality Studies (SCIS), kanti futhi useke wabamba iqhaza emikhakheni eminingi kuleli naphesheya kwezilwandle.