ISALE injena imijondolo eDakota.Izithombe. ZITHUNYELWE
KUSALE dengwane izakhamizi ezingu-200 kusha imijondolo e-Dakota, eSiphingo, eThekwini, kuWadi-90.
I-KwaZulu-Natal Provincial Disaster Management Centre (PDMC), isiqalile ihlanganisa usizo oluzonikezelwa emindenimi ekhahlamezekile ngesikhathi kusha imijondolo eDakota, eSipingo ku-Ward 90, ngaphansi kukamasipala weTheku.
“Amathimba ezimo eziphuthumayo aphuthume kulemdawo yesigameko akwazi ukusheshe awunqamule umlilo. Njengamanje kusabhekwa ukuthi umonakalo ungakanani futhi kabekho okubikwe ukuthi balimalile noma badlule emhlabeni ngenxa yalesi sigameko,”kusho okhulumela uMnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila esitatimendeni.
“I-PDMC isebenza ngokubambisana noMasipala weTheku nezinye izinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi imindeni ethintekile ithola usizo eludingayo ngokushesha.
“Imibiko ibisaveze ukuthi ingaphezulu kuka-100 imijondolo eshile kanti balinganiselwa ngaphezulu kuka-200 abantu abasale dengwane,”esho.
Uthe esitatimendeni okwamanje kusenziwa uphenyo ukuze kutholakale umsusa walesi sigameko yize noma zikhona izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi ususwe yimbawula, njengoba abaningi beyisebenzisa kwazise kumakhaza kulezi zinsuku.
UNgqogqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, unxusa izakhamuzi kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal ukuthi zihlale ziqaphelile ikakhulukazi abahlala emijondolo, lapho kujwayele ukuthi kuqubuke umlilo.
Kuzokhumbuleka ukuthi nasenyangeni edlule kuNhlangulana amathimba ezimo eziphuthumayo ake ayosiza kweminye imijondolo nakhona kuhlasele umlilo.
“Njengemizamo yokulekelela umnyango usukhiphe izinto ezifana nama-smoke alarms, ama-fire beaters nama-knapsack tank unikeza imiphakathi. Lena ngeminye yemizamo yokulwisana nalemililo ehlasela kakhulu emijondolo,”kuqhuba uMzila esitatimendeni.
“UNgqongqoshe Buthelezi uzibophezelele ekutheni kumele kube nesixazululo okuzoqhamukwa naso ikakhulukazi emiphakathini ehlala emijomdolo,”kulanda uMzila esitatimendeni.
“Iminyango enjengowokuHlaliswa kwaBantu, owokuThuthukiswa kwaBantu kanye nowakwaNdabazabantu, nayo isithinyiwe ukuba ilekelele,”esho esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni kuphinde kwasungulwa nekhishi lapho bezocosha khona okuya ngasethunjini, ngosizo lwezinhlaka ezahlukene ezisebenzisana nomnyango.

