ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE

KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini , ngoLwesibili (izolo).
Kubikwa ukuthi kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza imali engu-R400 million , endaweni lapho kugcinwa khona impahla.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kutholakale impahla engombombayi engabiza imali engu-R400 million ngentengo yasesitaladini, e-Edwin Swales ,eThekwini.
” Amaphoyisa abenza umsebenzi wawo wansuku zonke ngenkathi ebona amakhontiyena (containers), amabili , athe uma ewasesha njengejwayelo athola ukuthi anezimpahla ezingombombayi zokugqoka, ubucwebe kanye nezimpahla zasekhishini,” kusho yena esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni , la makhontiyena ngenkathi efika kuthiwe athwele ifanisha womabili kanti athe amaphoyisa uma esesha athola ukuthi athwele izimpahla ezingombombayi.
“Ngenkathi amaphoyisa enza uphenyo lawo lokuqala athole ukuthi la makhontiyena ebevela ezweni lase Asia kanti le mpahla ebiphakathi bekumele ilihanjiswe e-Alberton maphakathi neGoli.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka ukuze kuboshwe abasolwa ngokungenisa impahla engombombayi ezweni.