ZINCEZU zezimoto ezitholakale endaweni okuhlinzelwa kuyo izimoto zokwebiwa. Izithombe.ZITHUNYELWE
KUVUNJULULWE isidleke sokuhlinza izimoto esigcemeni sakwa N eMlazi (uMlazi N Section), ngoLwesibili ntambama , eThekwini.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa esiFunda i-Thekwini District Task Team alandele ezobunhloli ngenkathi egasela esigcemeni sakwa N eMlazi lapho efike athola khona izincezu (parts), zezimoto zohlobo lwe Volkswagen (VW).
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni , amaphoyisa ezobunhloli abelandela umkhondo mayelana nendawo ehlinza izimoto (chopshop), okuthe uma egasela endaweni yakwa N eMlazi, afike athola izincezu eziningi zezimoto ezisuke zidunwe , zohlobo lwe VW.
Uthe esitatimendeni, lezi zimoto eziningi zisuke zidunwe ezindaweni ezakhele i-Theku okubalwa kuzo Sydenham, Berea, uMbilo, Hilcrest kanye nase Pinetown.
“Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luwaholele kulendawo lapho efike athola khona izincezu zezimoto ezisuke ziduniwe,”esho esitatimendeni
Uthe esitatimendeni, uphenyo olunzulu luveze ukuthi le ndawo okutholakale kuyo lezi zincezu zezimoto ezisuke ziduniwe iqashisiwe.
“Ngenkathi amaphoyisa egasela kulendawo lona obesolwa ngalobu bugebengu , ubengekho endlini lena ayiqashile,”kusho uMagwaza esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni , ngenkathi amaphoyisa egasela kulendlu athole izincezu eziningi zohlobo lwama VW Polos okubalwa kuzo amadashboards, suspensions, bumpers, pedals, steering wheels, side and rear mirrors.
“Ngenkathi luqhubeka uphenyo kube sekutholakala nenjini yemoto okwabikwa ukuthi iduniwe e-Pinetown ngo Novemba 2024,”esho , eqhuba ethi, ezinye zezinjini ezitholakale kulendawo bezicinyiwe izinombolo zazo zokubhaliswa (tempered with).
Uthe esitatimendeni , kuphinde kwatholakala nezinombolo zezimoto (number plates), eziningi zezimoto ezadunwa e-Berea ngoSeptemba 2024.
Uqhube wathi esitatimendeni, uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi umsolwa ubesevule ishishini lokudayisa izincezu zezimoto kulendawo ayiqashile.
Uphethe ngokuthi zonke izincezu ezitholakale kulendawo zithathiwe ngenhloso yokuqhubeka nophenyo lwamaphoyisa nokuthi umsolwa agcine eboshiwe.


