NGUNGQONGQOSHE uMnuz Siboniso Duma.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuThutha kanye nokuHlaliswa kwabantu uMnuz Siboniso Duma, usendlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe zihlobo zayo ngenkathi kuhlasela izikhukhula eLamontville ngoLwesibili ebusuku.
Uthe akwehlanga lungehlanganga kuleyomndeni elahlekelwe zihlobo zayo kuhlasela izimvula ezinamandla kanye nezikhukhula.
Kubikwa ukuthi umndeni wakwa Dingiswayo ulahlekelwe ngamalunga amathathu omndeni , kwaba ngoyedwa kwa Ndobongo noyedwa kwa Gcabashe.
“ Amalunga emindeni alahlekelwe zimpilo zawo ngu Snokhanyo Dingiswayo oneminyaka engu-16, Anathi Dingiswayo oneminyaka engu-11, kube ngu Lethu Dingiswayo oneminyaka engu-5, uNksz Lucia Ndobongo oneminyaka engu-56 kanye noNkk Zondeni Gcabashe oneminyaka engu-60,” kuqhuba uDuma.
Uqhube wathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi, uMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba, iSekela Meya uKhansela Zandile Myeni, uSomlomo uKhansela Thabani Nyawose, kanye nelungu lesigungu esiphezulu uKhansela Noluthando Mthembu-Zondi kanye noKhansela B.S Svetye, bahambele imindeni elahlekelwe yimindeni yawo kuWadi-75 , ihambise amazwi enduduzo nokuyobhongela emswaneni.
Uthe esitatimendeni lezi zimvula ezinamandla ziwise izindlu, zagugula imigwaqo zaphinde zamukisa abantu kanti oyedwa kwabamukile usathungathwa ngabezezinhlekelele.
“ UMasipala weTheku uzolekelela imindeni ngokuyingcwabela izihlobo zayo,” kusho yena.
Uthe uhulumeni unezinhlelo zokususa izakhamizi ezindaweni ezinobungozi zisiwe ezindaweni eziphephile.
Uphinde wakuveza esitatimendeni ,ukuthi labo noma imindeni ekhahlazamekile zimvula ezinamandla nezikhukhula ,izothathwa iyohlaliswa ezindaweni zesikhashana eziphephile, ikakhulukazi lena izindlu zayo ezidilikile kuhlasela lezi zimvula.
Uqhube wathi esitatimendeni, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke uThembi Nkadimeng ,uhlele ukuvakashela isiFundazwe saKwaZulu-Natal kodwa usuku alukamenyezelwa.
Uphethe ngokuthi zonke izinhlaka zikahulumeni ziphume ngobuningi bazo ukuze ziyolekelela abantu abakhahlanyezwe ilezimvula ezinamandla okulindeleke ukuba ziqhubeke ngalempelasonto.