BAGWETSHWE udilikajele umuntu ngamunye abathathu neminyaka ewu-5, abalahlwe icala lokubulala umama oneminyaka ewu-65, nendodakazi eneminyaka ewu-28, Ematimatolo. UPhilisiwe Zuma oneminyaka ewu-33, Thubelihle Shezi(24) kanye noMazwi Lembethe(23) , bagwetshwe iNkantolo yesiFunda iGreytown udilikajele umuntu ngamunye ecaleni lokubulala laba ababili kanye newu-5 , kwelokushisa. Kuvelile enkantolo ukuthi ngo August , 2023, Ematimatolo , kwenzeka isigameko sokubulawa kukamama nendodakazi. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe kwavula icala lokushisa esiteshini samaphoyisa aseMatimatolo ngo August, 2023, lapho athi amaphoyisa efika athola ukuthi indlu ishile futhi icekeleke phansi. Uthe ngenkathi eqhubeka nophenyo lawo endaweni yesigameko abe esethola izidumbu ezimbili , esikamama nendodakazi zishele khona kulendlu. Uthe uphenyo lwesikhashana lwenziwa ngu-Sgt Siyabonga Manzini, osebenzela esiteshini samaphoyisa ase-Ematimatolo, owabe esebopha abasolwa , wabamatanisa nokubulawa kwalaba ababili. “ Ngenkathi kuqhubeka uphenyo kwavela ukuthi laba babulawa ekhaya labo kukhona nabantwana abawu-6, abancane,” esho. Uqhube wathi babesolwa ngobuthakathi, kanti izingane zona kuthiwa zakhishelwa ngaphandle kwendlu, kwasala umama nendodakazi, endlini. Ngelendlule laba uZuma, Shezi, kanye noLembethe, bagwetshwa udilikajele kwelokubulala laba ababili , base begwetshwa iminyaka ewu-5, kwelokushisa, kanti baphinde batholakala bengagunyaziwe ukuthi bangaphinde baphathe izibhamu noma bathole malayisensi okuphatha izibhamu. Kuphinde kwavela ukuthi ukhona umsolwa ka-4, osahamba icala yena. UKhomishana wesiFunda Umzinyathi uMaj-Gen, Francis Slambert , uthe abantu kumele bakufunde futhi bakuqonde ukuthi lapho eMzansi Afrika , ukusola umuntu ngobuthakathi kuyicala elibi kakhulu ngaphansi kwesigaba se-Witchcraft Act of 1957. Uthe ukusola umuntu ngobuthakathi icala elibi kakhulu, wabe esencoma umsebenzi owenziwe ngumphenyi wecala ukuholele ukuthi laba abathathu basuswe unomphela emphakathini, waphinde waxwayisa umphakathi ukuba ungazenzi izinsolo zokusola abantu ngobuthjakathi.